
UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu-Natal ubabaza “ubulwane” kubantu abatape ushukela elolini elimbandakanyeke enhlekeleleni yengozi, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal. NgoMgqibelo ekuseni, emgwaqeni uN2, phakathi komfula iMatigulu naseDokodweni Plaza, iloli ebelithwele amasaa kashubkela, lishayisane nemoto encane, kwabhubha abantu abayisithupha, kumbandakanya nomshayeli weloli.
Kuthiwa abantu basendaweni ababone le ngozi yenzeka, kababizanga abosizo lokuqala, esikhundleni salokho, baqhamuke ngamajubane, bephethe amabhakede, batapa ushukela obukuleli loli.
UMnu Ndabezinhle Sibiya, okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uthi isenzo salaba bantu siwubulwane.
“Kungathi kwenzeke into ebuhlungu kangaka, kube khona osomathuba abathola ithuba lokutapa endaweni yesigameko sengozi? Laba bantu, kwabona bebezibeka engcupheni yokulimala. Buphi ubuntu?
“UNgqongqoshe (uMnu Siboniso) Duma usalindele umbiko ngembangela yengozi. Ingozi yenzeka nje, siqinisa imikhankaso yethu siwuMnyango, okuyi-No Nonsense, iZero Tolerance, no-Alufakwa. Besinezivimbamgwaqo enyakatho yeTheku ngale mpelasonto, sabopha inqwaba yezephulamthetho, okubalwa kuzo nabebeshayela bedle amanzi amponjwana, nabagijima ngesivinini esiphezulu,” kusho uSibiya.
Kwenzeka le ngozi nje, abantu basabambe ongezansi ngesigameko sokuphahlazeka kwendiza ngaseSun Coast Casino, eThekwini, ngoLwesihlanu. Umshayeli wale ndiza encane, oneminyaka engama-61, ongowaseGoli, ubengakatholakali. Bekunombukiso wezindiza emoyeni, ngesikhathi umshayeli wenye yazo ehluleka ukuyilawula, yagcina isiphoseke olwandle.
Izolo, ngeSonto, abantu bebesafika eBattery Beach, phambi kwaseSun Coast Casino, bezobeka izimbali.







