Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 URamaphosa nezinguquko kwiKhabhinethi kazwelonke

URamaphosa nezinguquko kwiKhabhinethi kazwelonke

by | 1 July 2026

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usememezele izinguquko kwiKhabhinethi yakhe, okubalwa kuzona nokubuyisa loyo oke waba ngungqongqoshe wezokuxhumana phambilini, uNkk Dina Pule.

UNkk Pule usenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, njengoba engene ezicathulweni zikaNkk Sisi Tolashe oxoshwe nguRamaphosa ngoNhlaba (May). UNkk Pule waxoshwa nguMnu Jacob Zuma ngo-2013, ngesikhathi esengumengameli, ngemuva kokuba ikomidi lephalamende lithole ukuthi wephula imigomo yokusebenza kwamalungu alo.

Kwezinye izinguquko, uMnu Willem Aucamp usenguNgqongqoshe wezoLimo, kanti uMnu David Maynier uthathe izintambo eMnyangweni wezaMahlathi, ezokuDoba nezeMvelo. Kuthiwa izinguquko kule minyango emibili zenziwe ngokwesicelo seDA, eyingxenye kahulumeni wenhlanganisela, iGNU.

Ezinye izinguquko:

  • UMnu John Steenhuisen useyiphini likangqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana.
  • UNkk Alexandra Abrahams useyiphini likangqongqoshe kwezaMandla noGesi.
  • UMnu Jack Bloom useyiphili likangqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle.
  • uMnu Yusuf Cassim, useyiphini likangqongqoshe weMfundo ePhakeme

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...