Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 URamaphosa nezinguquko kwiKhabhinethi kazwelonke

URamaphosa nezinguquko kwiKhabhinethi kazwelonke

by | 1 July 2026

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usememezele izinguquko kwiKhabhinethi yakhe, okubalwa kuzona nokubuyisa loyo oke waba ngungqongqoshe wezokuxhumana phambilini, uNkk Dina Pule.

UNkk Pule usenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, njengoba engene ezicathulweni zikaNkk Sisi Tolashe oxoshwe nguRamaphosa ngoNhlaba (May). UNkk Pule waxoshwa nguMnu Jacob Zuma ngo-2013, ngesikhathi esengumengameli, ngemuva kokuba ikomidi lephalamende lithole ukuthi wephula imigomo yokusebenza kwamalungu alo.

Kwezinye izinguquko, uMnu Willem Aucamp usenguNgqongqoshe wezoLimo, kanti uMnu David Maynier uthathe izintambo eMnyangweni wezaMahlathi, ezokuDoba nezeMvelo. Kuthiwa izinguquko kule minyango emibili zenziwe ngokwesicelo seDA, eyingxenye kahulumeni wenhlanganisela, iGNU.

Ezinye izinguquko:

  • UMnu John Steenhuisen useyiphini likangqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana.
  • UNkk Alexandra Abrahams useyiphini likangqongqoshe kwezaMandla noGesi.
  • UMnu Jack Bloom useyiphili likangqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle.
  • uMnu Yusuf Cassim, useyiphini likangqongqoshe weMfundo ePhakeme

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...