
INational Minimun Wage (NMW) Commission inxusa abaqashi, isisebenzi, amalungu omphakathi nezinye izinhlaka ukubeka imibono yabo mayelana nokwenyuswa kwenali lemali okungamele umuntu oyisisebenzi eNingizimu Afrika ahole ngaphansi kwayo.
Le khomishini ithi ngemuva kokuqoqa izimvo zabantu, izohlanganisa umbiko ngeziphakamiso zezinguquko kungqongqoshe wezezisebenzi ngasekupheleni konyaka.
I-NMW yimali encane kunayo yonke umqashi angayiholela isisebenzi ngehora, ngokomthetho wezwe. Kuwukwephula umthetho ukuholela isisebenzi imali engaphansi kwale emisiwe. Lo mgomo kahulumeni waqala ukusebenza kuleli ngo-2019.
“IMinimum Wage okwamanje imi ku-R28,79 ngehora (okuwu-R1151.6 uma usebenze amahora awu-40 ngesonto). Inani elimisiwe njengamanje lamenyezelwa nguNgqongqoshe wezeziSebenzi uNkk Nomakhosazana Meth ngoNhlolanja (February) kophezulu,” kusho isitatimende somnyango.
Ikhomishini yiyona enikwe umsebenzi wokubuyekeza leli nani minyaka yonke. Liphinde libikele ungqongqoshe ngomthelela walo emnothweni wezwe.
Umnyango uthi imibono kumele ekhelini elithi, Employment Standards, Department of Employment and Labour, Private Bag X117, Pretoria, 0001 noma nge-email ku- nmwreview@labour.gov.za ngaphambi komhla ka-18 kuMandulo (September)







