Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UGlenrose emgqeni wokuvikela isicoco seSpar Women’s 10km Grand Prix

UGlenrose emgqeni wokuvikela isicoco seSpar Women’s 10km Grand Prix

by | 30 March 2025

UWUVULE kahle unyaka uGlenrose Xaba edla umhlanganiso emlenzeni wokuqala weSpar Women Challenge ngeSonto eCape Town.

ISpar Women’s 10km Grand Prix iyimilenze eyisihlanu kanti umsubathi oqeda enamaphuzu amaningi kunabanye uhlomula ngo-R200 000. Umlenze olandelayo weSpar uzokuba seThekwini mhlaka 22, kulandela owaseTshwane ozokuba mhla ka-2 ku-Ausgust, kube iGqeberha mhla ka-2 kuSeptember kuvale owaseJohannesburg ozokuba mhla ka-5 ku-October.

Ngokunqoba lo mjaho uGlenrose uzothola amaphuzu awu-20 kanti ongene isibili uhlomula ngawu-19 kwehle njalo kuze kufike kunombolo 20 othola elilodwa.

Ukunqoba kukaGlenrose kwenza abemakhulu amathemba okuthi uzokwazi ukuvikela isicoco sakhe seGrand Prix asinqobe nyakenye. Ngesikhathi kwethulwa umqhudelwano walo nyaka, lo msubathi wakubeka kwacaca ukuthi ufuna ukuvikela isicoco sakhe.

UGlenrose oqeqeshwa nguCaster Semenya uqophe isikhathi esiwu-33:13, umsubathi wase-Ethiopia uSelam Gebre walala isibili ngo-33:18, kwathi uzakwabo kaGlenrose uKarabo Mailula wathatha indawo yesithathu ngesikhathi esiwu-33:33.

UGlenrose ube nonyaka omuhle nyakenye ebeka irekhodi elisha lakuleli le-10km okuwu-31:12 alenza eThekwini, kanti akagcinanga lapho njengoba ephinde wenza irekhodi lakuleli leMarathon u-2:22, egijima iSanlam Cape Town Marathon.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...