Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa athungatha abasolwa ngokubulala 8 eMlazi

Amaphoyisa athungatha abasolwa ngokubulala 8 eMlazi

by | 17 May 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu Natal athungatha abasolwa abadubule babulala abantu abawu-8 endaweni yaseZama esigcemeni sakwa-U eMlazi ngoLwesihlanu ebusuku.

Ngokusho kwamaphoyisa abizwe kule ndawo afica kulele uyaca abesilisa abawu-6 nabesifazane abawu-2 sebebulewe.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu Natal uColonel Robert Netshiunda uthe abashonile bebeseminyakeni aphakathi kuka-22 no-40 ubudala.

Uthi babikelwe ukuthi izisulu bezizihlalele ngaphakathi komunye wemijondolo ngesikhathi kugasela abasolwa abangaziwa bevulela ngenhlamvu kwalala uyaca.

“Uphenyo luyaqhubeka ngembangela eholele kulesi sigameko njengoba amaphoyisa aseqalile ukuthungatha abasolwa,” kusho uNetshiunda.

Uthe amaphoyisa anxusa noma nguba ongaba nolwazi ngokwenzekile nembangela axhumane nawo esiteshini samaphoyisa esiseduze noma ashayele le nombolo ethi 0860010111

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...