Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa athungatha abasolwa ngokubulala 8 eMlazi

Amaphoyisa athungatha abasolwa ngokubulala 8 eMlazi

by | 17 May 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu Natal athungatha abasolwa abadubule babulala abantu abawu-8 endaweni yaseZama esigcemeni sakwa-U eMlazi ngoLwesihlanu ebusuku.

Ngokusho kwamaphoyisa abizwe kule ndawo afica kulele uyaca abesilisa abawu-6 nabesifazane abawu-2 sebebulewe.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu Natal uColonel Robert Netshiunda uthe abashonile bebeseminyakeni aphakathi kuka-22 no-40 ubudala.

Uthi babikelwe ukuthi izisulu bezizihlalele ngaphakathi komunye wemijondolo ngesikhathi kugasela abasolwa abangaziwa bevulela ngenhlamvu kwalala uyaca.

“Uphenyo luyaqhubeka ngembangela eholele kulesi sigameko njengoba amaphoyisa aseqalile ukuthungatha abasolwa,” kusho uNetshiunda.

Uthe amaphoyisa anxusa noma nguba ongaba nolwazi ngokwenzekile nembangela axhumane nawo esiteshini samaphoyisa esiseduze noma ashayele le nombolo ethi 0860010111

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...