
UMNDENI kaNdlunkulu okulindeleke ukuba ashade neSilo samaZulu, uthi usulinde kudlule umhlaka 12 kwephezulu ukuze kuqhutshekwe namalungiselelo endumezulu yomshado. ILANGA likhulume nesihlobo sikaNdlunkulu Nomzamo “Masesi” Myeni obekufanele ngabe ushade neSilo uMisuzulu kaZwelithini ngomhlaka 26 enyangeni edlule kodwa kwagcina kuhlehla ngenxa yokuthi kusanosiko okumele luqale lwenziwe.
Ngokusho kwabakwaMyeni, abaseNdlunkulu babatshela ukuthi bacela umshado uhlehle ngoba kwatholakala ukuthi izinsuku okwakumele kwenziwe ngazo umkhehlo nomgcwagco, ziqondene nokuthi iSilo sizobe sisagongqile njengoba bekusaqhubeka uMkhosi woKweshwama.
Ukuhlehliswa komshado kuqondane nesikhathi lapho uNdlunkulu wokuqala weSilo, uNtokozo KaMayisela, ebefake incwadi yokumisa umkhehlo nomshado eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu. Emaphepheni akhe ubekhala ngokuthi kumele iSilo senze izinto ngendlela uma sifuna ukuthatha omunye uNdlunkulu njengoba bona beshade umshado omhlophe. Ngaphambi kwaleso sigameko kwakuvele ukuthi iSilo sesifaka incwadi yokwehlukanisa noNdlunkulu uKaMayisela ngoba sithi kabasaboni ngaso linye nakuphikile wathi kakulona iqiniso.
Inkantolo imchithile uKaMayisela, yathi akanazo izizathu ezanele ukuthi angamisa umshado, njengoba kuwona naye ebephinde avume ukuthi akanankinga nokuganwa kweSilo.
Ukuqondana kwalezi zigameko kushiye abaningi bedidekile njengoba ngaphambi kokuba kuyiwe enkantolo kuqale kwavela incwadi eyayibhalwe yihhovisi leSilo, ibheke kuDkt Nonhlanhla Mkhize oyiNhloko kaHulumeni KwaZulu-Natal, lapho sasithi akaphucwe yonke imivuzo ayithola kuhulumeni uNdlunkulu uMaMyeni.
Isihlobo sikaNdlunkulu MaMyeni, esicele ukungadalulwa, sithi umndeni wakwaMyeni kawukhathazekile nakancane ngokuhlehliswa komshado ngoba bachazelwa izizathu futhi indodakazi yabo isahleli kahle eNdlunkuulu.
“AbaseNdlunkulu basiyala kwasekuqaleni ngokuthatha okukhulunywa emphakathini nasemaphepheni. Thina silalela bona okungabantu esiganiselana nabo. Ngesikhathi kufika ithimba elalithunywe yiSilo, lafike laxolisa ngokuthi kuhlehliswe umshado nomkhehlo. Laphinde lachaza futhi ukuthi kungani uhlehlisiwe. Okuningi okukhulunywa ngabantu kakusikhathazi,”kusho lesi sihlobo.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwasabalala namahebezi okuthi kukhona okungezwani phakathi kwakhe uNdlunkulu neSilo nokuholele ekutheni umshado ungabe usabakhona. Lesi sihlobo sithi konke lokho kungampunge nje.
“Ngokwazi kwethu uNdlunkulu uhleli kahle esigodlweni akanankinga. NangoMgqibelo udlule ekhaya elibhekise eMachobeni esigodlweni sakhe esiseNgwavuma ephuma esigodlweni saseMashobeni lapho bekunomsebenzi obewenziwa khona,”kusho yena.
Uthi ngokwazi kwabo konke kuzoqhutshwa njengokuvumelana kwemindeni futhi umshado usazobakhona.
“Siyabezwa abantu bekhuluma bethi umshado ngeke usabakhona. Thina silinde kubuye abaseNdlunkulu kuzokhishwa usuku bese kuqhutshekwa namalungiselelo,”kusho yena. Uthi kwabaphatha kabi njengomndeni ukuthi iSilo size sayofakwa ezinkantolo ngoba sithatha indodakazi yabo.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za







