Ilanga News
Home 9 Featured 9 Yethulwe ngomnikelo wezicathulo zesikole inhlangano kasopolitiki engenzi inzuzo

Yethulwe ngomnikelo wezicathulo zesikole inhlangano kasopolitiki engenzi inzuzo

by | 28 January 2025

YETHULWE ngokunikelela izingane zendawo ngezicathulo zesikole inhlangano engenzi inzuzo kasopolitiki uMnu Zwakele Mncwango ongomholi weqembu i-ActionSA KwaZulu Natal futhi oyikhansela kuMasipala weTheku.

Lo sopolitiki odabuka KwaNongoma wethule le nhlangano yakhe ngokunikela ngezicathulo eziyikhulu kubafundi besikole eDlabe.

Uthe phakathi kwezinto inhlangano yakhe ezogxila kuzona wukusiza kakhulu ngasemkhakheni wezemfundo ikakhulukazi ukunikelela abafundi ngezinsiza abazidingayo ukuqhuba izifundo zabo ukuze baphumelele.

Uthe ukhethe ukuthi le nhlangano iqale ukusebenza ngakubo njengoba bekuhlale kumkhathaza ukubona izingane zihamba ngezinyawo ibanga elide ziya esikoleni zingazifakile izicathule.

“Nangesikhathi sobusika lapho kubanda khona ubuthola izingane zibhadazela zilibangise esikoleni. Lokhu bekungikhathaza kakhulu yingakho ngikhethe ukuthi ngiqale ngasekhaya ngaphambi kokuthi inhlangano idlulele kwezinye izindawo,” kusho uMncwwango.

Uthe kuyisifiso sakhe ukuthi zonke izingane zilingane esikoleni kungabi khona ebukeleka phansi noma ezizwa ibandululekile ngenxa yokuthi iqhamuka emndeni onjani.

Ukuvezile futhi inhlangano yakhe izosebenza kakhulu ezindaweni zasemakhaya ngoba inhloso wukuthi zithuthuke nazo ngezinsiza ezahlukene emphakathini.

Uthe inhlangano yakhe usazoyethula ngokusemthethweni sekuhambisana nezinhlelo zonke ezogxila kuzona.

“Ukusiza umphakathi bekuyinto ebengilokhu ngiyenza kodwa ngibone kungcono ukuthi ngiyenze ngendlela esemthethweni ukuze noma kukhona abaxhasi noma izinkampani ezizimele ezizimisele ukubambisana nathi zikwazi ukukwenza ngendlela evulelekile futhi eqondile,” esho.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...