
BAFUNDISA begaxe izibhamu enqulwini ngenxa yokusabela impilo yabo othisha bezikole ezimbili, ezisondelene, eMahlabathini, Ondini.
Ngokuthola kweLANGA, othisha bezikole i-Ombimbini Primary, naseMkhombe High, kuthiwa bathathe isinqumo sokufundisa behlomile kulandela ukwanda kwesibalo sokubulawa kothisha bakulezi zikole, okusolwa ukuthi kuhlobene nombango wezikhundla zokuphathwa kwalezi zikole. Ukubulawa kothisha bakulezi zikole kube sematheni emasontweni adlule ngesikhathi kudu- tshulwa, kubulawa othisha abathathu.
Esigamekweni sokuqala kwabulawa uMnu Mbhekiseni Maphisa, owayenguthishanhloko waseMkhombe. Ukubulawa kukaMaphisa kwa- landelwa wukubulawa kukaMnu Xolani Mathe, obenguthisha eMkhombe, edume nangokuba yinduna yabalandeli besilomo sikamaskandi, uKhuzani Mpungose.
Kuthiwa akuphelanga isikhathi eside kwadutshulwa, kwabulawa uMnu SB Mlaba, owayenguthishanhloko wesikole Ombimbini. ILANGA lihambele eMahlabathini, lapho elithole khona ukuthi ingxabano endaweni isuswe wumbango wezikhundla. Umthombo waleli phephandaba okule ndawo, uthi ukusabalala kwezindaba zokuthi kunohla lothisha abazobulawa yikhona okwenze othisha bafundisa behlomile. Umthombo uthe omunye wothisha bakulezi zikole, wasinda ehlaselwa.
“Othisha abaningi bahlukumezekile. Ngikhuluma nawe nje, omunye wabo wasinda edutshulwa, kuyimanje unamanxeba awu-8 okudutshulwa emzimbeni. Okubuhlungu wukuthi uyasho kwasondelene nabo ukuthi nama- nje uthola izingcingo zezinsongo zokusocongwa.
“Isimo kasisihle, kodwa othisha bazama ngakho konke okusemandleni ukuthi ukufunda nokufundisa kungaphazamiseki kulezi zikole, yingakho sebefundisa bephethe izibhamu. Sinethemba lokuthi bakhona abazoboshwa ngalezi zigameko, njengoba amacala evuliwe,” kusho umthombo.
Omunye umthombo waleli phephandaba ongaphakathi kwesinye salezi zikole, uthi bakhathazekile ngalesi simo okubukeka sisekude ukuxazululeka. Uthi okubakhathaza kakhulu wukuthi kungase kugcine kuphazamiseka ukufunda nokufundisa.
“Kusikhathaza kakhulu lokhu okwenzekayo. Ukukhathazeka kwethu okukhulu kungabafundi bakwa-matric. Lezi zigameko seziholele ekutheni abafundi nothisha banikezwe usizo lokwelulekwa ngokomqondo. Umnyango siwubikelile ngokukhathazeka kwethu. Kube kuhle ukuthi usilekelele ngokhuluma nathi, sabuyelwa yithemba,” usho.
Ikhansela lendawo, uMnu Muntu Mthethwa, lithi lifisa kube nomkhuleko, kuphinde kube nomhlangano womphakathi ukuze bonke abangaboni ngasolinye, bathethelelane amanzi.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Mlu Mtshali, uthe bayalwazi lolu daba, kodwa wacela ukuba anikwe isikhashana esincane, kukhona asafuna ukukuqinisekisa ngalo. Uma eseshayelwa njengokwesicelo sakhe, ucingo ubengasalubambi, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.







