IKHOMISHINI kaMadlanga iveze isithombe seqembu lezinjinga ezinhlanu ezibizwa nge “Big Five” ezisolwa ngokuqhuba amabhizinisi azo ngobugebengu. Lezi zinjinga kuthiwa ngoMnu Katiso Molefe, uMnu Steve Motsumi, uMnu Ignatius Mothakathi, uMnu Andrew “Boy” Mthethwa noMnu Jothan “King Mswazi” Msibi ongasekho emhlabeni.

Ngokobufakazi obuvele kwiKhomishini kaMadlanga kuthiwa laba basolwa emacaleni ahleliwe enzeka eGauteng. Laba basolwa ngokushushumbisa izidakamizwa ezindaweni zabantu ezizimele, baphinde bahlele nokubulawa kwabantu nokukhwabanisa amathenda kahulumeni.
Kuthiwa baphinde babe nobuchwepheshe ababusebenzisa ukukwazi ukubona yonke into eyenzekayo ezindaweni bengekho kuzona futhi bayamaniswa nokuqhuba umsebenzi kwithenda yamaphoyisa ka-R360 million, okuboshwe uMnu Vusumuzi “Cat” Matlala.
Kuthiwa ngendlela enamandla ngayo iBig Five ikwazi ngisho nokusebenzisa izikhulu zamaphoyisa ukuqhuba umsebenzi wayo. Lokhu kuvele ebufakazini kwiKhomishini kaMadlanga.
Ngokwemibiko eke ivele kuthiwa uKing Mswazi wayengabhekani nempunyela uJoe “Ferrari” Sibanyoni ongungomunye wosomatekisi abahlonishwayo. USibanyoni uke wakuveza kkhomishini kaMadlanga ukuthi bake baphambana noKing Mswazi kodwa kwaba yinto eyabuye yadlula.
Kumanje usomabhizinisi oyamaniswa namaqembu ezigelekeqe, uMatlala uhamba icala lokuzama ukubulala uSibanyoni. Kuthiwa uMatlala wayesebenzisana noKing Mswazi njengoba kwakuyinkampani yakhe yonogada eyayigada lo somabhizinisi ongasekho.







