
UGWETSHWE iminyaka ewu-25 ebhadla ejele owesilisa owadubula wabulala abangani. ULungani Khethokwakhe Mthethwa ugwetshwe emuva kokuzivumela yena ukuthi wabulala uNkz Anele Mbokazi noNkz Zizipho Gabisa, abadutshulwa izidumbu zabo zatholakala zidindilize ndawana thile eKaneville, eThekwini ngonyaka odlule.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini uMthethwa wayeboshwe nomngani wakhe uSandile Chili awakhe amacala okubulala ahoxiswa waphenduka ufakazi wombuso. Namuhla ngesikhathi uMthethwa evuma icala, inkantolo ibigcwele ichichima amalungu emindeni yomibili, abangani nezihlobo.
UMthethwa uvume icala emuva kokuvumelana phakathi kwakhe nombuso ngokuthi agwetshwe iminyaka ewu-25.
Ummeli kaMthethwa, uMnu Bheki Manyathi efunda isitatimende sokuvuma icala, uveze ukuthi yena noSandile bahlangana nabafi mhla ka 10 August ngonyaka odlule ngesikhathi kunomncimbi eNdwedwe.
Uveze ukuthi wabe esethatheka ngu-Anele baxoxa babe sebeshintshana ngezinombolo. USandile uthi yena waxoxa noZizipho nabo banikana izinombolo. Eqhuba uthi kuhambe isikhathi bexhumana no-Anele kangangoba uze waya emsebenzini wakhe esibhedlela eNkosi Albert Luthuli lapho ebesebenza khona njengomhlengikazi.
Kungalolu suku abavumelana ngalo ukuba sebudlelwaneni bothando. UMthethwa uthe ziwu 23 kuwona u-August wabe eseshayela u-Anele ucingo emcela ukuba bazikhiphe. Kungaleso sikhathi acela ukuthi afike nomngani wakhe uZizipho.
Uqhube wathi ngenxa yokuthi uChili wamutshela ukuthi usenobudlelwano noZizipho, waphakamisa ukuthi bahambe bonke ukuzikhipha ngakusasa. Uthi ngakusasa mhla ka 24 August, yena noChili babe sebelanda uZizipho no-Anele eVerulam kwayothengwa utshwala baphinde bazikhipha kwayodliwa.
Eqhuba uthi sekuhwalele, kwavunyelwana ngokuthi bayokhokhela indawo yokulala kwelinye lamahhotela asenkabeni yedolobha. Sebefikile ehhotela, uthi u-Anele waveza ukuthi usefuna ukugoduka – wayelokhu ekhuluma nocingo ephumela ngaphandle, wamutshela ukuthi usefuna ukuhamba ngoba kunesimo esiphuthumayo esithinta umfowabo uboshiwe.
Lokhu akwehlanga kahle kuMthethwa kodwa kwavunyelwana ngokuthi uzobagodukisa. Endleleni uveze ukuthi u-Anele noZizipho babelokhu behleka bekhuluma komakhalekhukhwini nokwamcasula njengoba ayezitshela ukuthu bagcona yena.
Uthi wabe eseqonda eKenville lapho afike wamisa imoto, kungaleso skhathi adonsa khona isibhamu wabadubula kabili umuntu ngamunye.
Uthe wabe eseyalela uSandile ukuba angene emotweni maqede bashaya bachitha. UJaji Mokgere Masipa ube esesamukela isitatimende kanye nesivumelwano phakathi kombuso nommeli kaMthethwa wamgweba iminyaka ewu-25. UMthethwa uphuciwe ilungelo lokuba nesibhamu