Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UNdunankulu waKwaZulu-Natal uhlangatshezwe ngohide lwezikhalo

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uhlangatshezwe ngohide lwezikhalo

by | 1 November 2024

PHUMLANI GAMA

UHLANGATSHEZWE ngohide lwezikhalo zamalungu omphakathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, obehola ithimba longqongqoshe bekhabhinethi yakhe ebelihlangene nomphakathi enkundleni yezemidlalo eBhambanana, eJozini, ngoLwesithathu. 

Lo mhlangano ubuyingxenye yomkha nkaso kahulumeni wesifundazwe, iSukuma Sakhe. Iningi lamalungu omphakathi elibevela kuwona wonke amawadi awu-23 angaphansi kukaMasipala waseJozini, likhale ngokungabi khona kwamanzi nemigwaqo engenela emakhaya. Amanye akhale ngokushoda kwemitholampilo nokuvalwa kwaleyo ekhona. 

Kuvele ukuthi imigwaqo engekho esimweni inomthelela ongemuhle kubalimi bakule ndawo abacele ukufakelwa umshini womoba ngoba kuyibanga elide ukusuka nawo (umoba) eJozini, uyiswe
eMpangeni nasoPhongolo. 

NGONGQONGQOSHE bekhabhinethi kahulumeni waKwaZulu-Natal, abebeyolalela izikhalo zamalungu omphakathi. ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE 

UMnu Moses Masango, ongomunye wabalimi, uthe bacela nokuthi kubuyiswe uhlelo lwakudala lokuhanjiswa kwemithi emadiphini emfuyo. 

Ongqongqoshe beminyango ethintekayo banikwe ithuba lokuphawula. Abanye babo kabafunanga ukuphawula ekubeni zibe khona izikhalo eziqondaniswe neminyango abayiholayo. 

Ethula inkulumo yakhe uNtuli, uthe uhulumeni wakhe uhambele kule ndawo ngenhloso yokufeza umsebenzi othunywe wona ngabantu. “Ngiyalithanda ithuba lokuya emphakathini ngoba abantu bathola ithuba lokubika ngomonakalo owenzekayo ezindaweni abahlala kuzona. Inkinga esinayo wukuthi kunqanyulwe imali kuwona wonke amazinga kahulumeni. Lokhu kwenza singakwazi ukwenza konke ngesikhathi esisodwa. Ngiyazi ukuthi abafundele ubuthishela beze lapha ngoba befuna ukusitshela okusezinhliziyweni zabo. Kwezempilo sesi-ngqongqoze kaningi kodwa lutho ukuthola isixazululo ngenxa yesimo semali esifundazweni. Nokho-ke likhona ithemba lokuthi konke enikhala ngakho kuzoxazululwa,” kusho uNtuli. 

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...