
“Ezinye izinto singeke sakwazi ukuzichaza indlela ezenzeka ngazo, singagcina siqamba amanga ngoba zingukwenza kukaNkulunkulu,” kuchaza uNathi Mankayi owazakhela ugazi ngengoma ethi Nomvula echaza ngokuthengwa kwamathikithi ubuthaphuthaphu.
Lo mculi unomjikelezo womculo obizwa ngeBuyelekhya Tour evakashela amadolobha ahlukene, osekusele kuwo iTheku ne-East London. Uthi naye akanayo incazelo yokuthi kungani abantu besawuthokozela ngale ndlela umculo wakhe futhi beqhubeka nokumeseka zikhathi zonke. “Ngisadidekile nami, ngiyazibuza ukuthi yini abantu bangithande kangaka. Ngibonga uThixo nokwesekwa ngabathandi bomculo wami, kunzima ukuchaza indlela izinto ezenzeka ngayo kodwa kukho konke ngizizwa ngithobeka,” esho.
UNathi uzobe ebuya okwesibili ukuzocula bukhoma eThekwini, phambilini wayezokwethula i-album esihloko sithi Usiba Lwegazi ayikhiphe ngo-2022. Kulokhu ukhuza ibuya nge-album yakhe yokuqala ebizwa ngeBuyelekhaya. “Inhloso wukukhumbuza abantu lapho sibuya khona, ngibakhumbuza ngezikhathi ezimnandi lapho sasijabule khona, sikhumbula nasebahamba emhlabeni.
Nginenkolelo yokuthi ngesikhathi le album iphuma sonke sinezinkumbulo ezithile ngayo, inhloso wukubuyisa zona,” esho.
“Ngijabule kakhulu ngeBuyelekhaya Tour, ngisebenzisane nabantu abawaziyo umsebenzi wabo ukwenza lo mcimbi. Ngizokwazi ukwethulela abantu umculo ngendlela engangikade ngifisa ukwenza ngayo. Ngiletha umculo omnandi ebesiwenza kungakabibikho autotune noma i-Ai, uza unjengoba unjalo,” kuchaza uNathi.
Amathikithi omcimbi wosuku lokuqala ozoba mhla ka 1 November asedayiswe aphela. Uthi kwezinye izindawo asebephuma kuzona eKapa, ePitoli naseGoli baphoqeleke ukwengeza usuku lwesibili. “Nakanjani naseThekwini sokwengeza olunye usuku, abantu abasondele bathenge amathikithi,” kuphetha yena.
Phakathi kwezingoma azakhekhele ngazo udumo kubalwa ethi Nomvula, Imibuzo, Buyelekhaya, Imimoya, Angeke nezinye.







