Ilanga News
Home 9 Featured 9 UHlabisa ufuna isixazululo ngokushona kwabafana beyosoka

UHlabisa ufuna isixazululo ngokushona kwabafana beyosoka

by | 27 December 2024

UNGQONGQOSHE wezohulumeni baseKhaya nobuHoli beNdabuko uMnu Velenkosini Hlabisa uthi sekukhona ababoshiwe ngokushona kwabafana abebeqhuba usiko lokusokwa e-Eastern Cape.

Uveze lokhu ngesikhathi ehambele esifundeni Amathole kusona lesi sifundazwe ngesikhathi eyohlangana nobuholi bendabuko nobebukahulumeni kulandela ukuthi selokhu kuqale isikhathi sokuqhutshwa kwalolu siko kulo nyaka sekushona abafana abawu-27.

UHlabisa uthe babalelwa ku-253 abafana asebeshonile kusukela ngo-2019 ngenxa yalo lolu siko oluqhutshwa minyaka yonke kanti kumele isukunyelwe indaba yokushona kwabo.

UHlabisa uthe inhloso yokuhambela kwakhe kulesi sifundazwe wukuthi kube nezingxoxo nendlela yokungenelela ukuze kusukunyelwe ukushona kwabafana ezikoleni zokusokwa.

Ungqongqoshe uhlangane nongqongqoshe wesifundazwe wezohulumeni basekhaya nobuholi bendabuka uMnu Zolile Williams.

Uthe kumele kuqinisekiswe ukuthi izikole eziqhuba lolu siko zisemthethweni futhi zihlolwa ukuthi ziliqhuba ngendlela efanele.

Uthe kuyakhathaza ukuthi minyaka yonke kuhlale kuba nezigameko ezibuhlungu kanje.

“Ukushona kwalaba bafana kusho khona ukuthi kumele kube khona okwenzekayo ngoba yonke impilo ibalulekile futhi kuwumsebenzi kahulumeni ukuqinisekisa ukuthi iyavikeleka,” kusho uHlabisa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...