Ilanga News
Home 9 Featured 9 UHlabisa ufuna isixazululo ngokushona kwabafana beyosoka

UHlabisa ufuna isixazululo ngokushona kwabafana beyosoka

by | 27 December 2024

UNGQONGQOSHE wezohulumeni baseKhaya nobuHoli beNdabuko uMnu Velenkosini Hlabisa uthi sekukhona ababoshiwe ngokushona kwabafana abebeqhuba usiko lokusokwa e-Eastern Cape.

Uveze lokhu ngesikhathi ehambele esifundeni Amathole kusona lesi sifundazwe ngesikhathi eyohlangana nobuholi bendabuko nobebukahulumeni kulandela ukuthi selokhu kuqale isikhathi sokuqhutshwa kwalolu siko kulo nyaka sekushona abafana abawu-27.

UHlabisa uthe babalelwa ku-253 abafana asebeshonile kusukela ngo-2019 ngenxa yalo lolu siko oluqhutshwa minyaka yonke kanti kumele isukunyelwe indaba yokushona kwabo.

UHlabisa uthe inhloso yokuhambela kwakhe kulesi sifundazwe wukuthi kube nezingxoxo nendlela yokungenelela ukuze kusukunyelwe ukushona kwabafana ezikoleni zokusokwa.

Ungqongqoshe uhlangane nongqongqoshe wesifundazwe wezohulumeni basekhaya nobuholi bendabuka uMnu Zolile Williams.

Uthe kumele kuqinisekiswe ukuthi izikole eziqhuba lolu siko zisemthethweni futhi zihlolwa ukuthi ziliqhuba ngendlela efanele.

Uthe kuyakhathaza ukuthi minyaka yonke kuhlale kuba nezigameko ezibuhlungu kanje.

“Ukushona kwalaba bafana kusho khona ukuthi kumele kube khona okwenzekayo ngoba yonke impilo ibalulekile futhi kuwumsebenzi kahulumeni ukuqinisekisa ukuthi iyavikeleka,” kusho uHlabisa.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...