Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Iyaqhubeka nokwanda inkinga yokukhulelwa kwezingane ezweni

Iyaqhubeka nokwanda inkinga yokukhulelwa kwezingane ezweni

by | 29 December 2024

Zingaphezulu kuka-570 izingane ezizalwe ezibhedlela zaseNingizimu Afrika ngosuku lukaKhisimusi. Nakuba kujatshulelwa ukufika kwemiphefumulo emisha ezweni, izibalo ziveza ukuthi iyakhula inkinga yokukhululelwa kwezingane ezisencane kuleli.

Komama ababelethe ngoKhisimusi, kuthiwa kukhona oneminyaka ewu-13 waseLimpopo, abathathu baseKZN abaneminyaka ewu-15, noyedwa owaseNorth West oneminyaka ewu-16.

Ngokomthetho waseNingizimu Afrika, kuyicala ukuzibandakanya ngokocansi nomuntu oneminyaka engaphansi kuka-16. Kuwuhlobo lokudlwengula olubizwa nge-statutory rape.

Ekhuluma ne-ENCA namuhla ngeSonto ekuseni, uNkz Phinah Kodisang oyisikhulu esiphezulu seSoul City Institute, unxuse ukuba kwandiswe izinhlelo zokufundisa izingane ngezinto ezithinta ucansi ezikoleni, ukuze kugwenywe ukukhulelwa kwazo.

“Kufanele sikhathazeke ngokuthi izinombolo ziyaqhubeka nokwenyuka. Uma kukhulelwa ingane ena-13, yimiphi imibuzo eziyibuza leyo ngane? Uma sesilutholile lolo Lwazi, yiziphi izinyathelo esizithathayo?

“Siphila ezweni lapho imithetho ingaqikelelwa ukuthi isebenza ngendlela ebhalwe ngayo kumthethosisekelo. Inkinga ye-statutory rape ayisukunyelwa ngendlela okumele ngabe isukunyelwa ngayo,” kusho uNkz Kodisang.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...