Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Iyaqhubeka nokwanda inkinga yokukhulelwa kwezingane ezweni

Iyaqhubeka nokwanda inkinga yokukhulelwa kwezingane ezweni

by | 29 December 2024

Zingaphezulu kuka-570 izingane ezizalwe ezibhedlela zaseNingizimu Afrika ngosuku lukaKhisimusi. Nakuba kujatshulelwa ukufika kwemiphefumulo emisha ezweni, izibalo ziveza ukuthi iyakhula inkinga yokukhululelwa kwezingane ezisencane kuleli.

Komama ababelethe ngoKhisimusi, kuthiwa kukhona oneminyaka ewu-13 waseLimpopo, abathathu baseKZN abaneminyaka ewu-15, noyedwa owaseNorth West oneminyaka ewu-16.

Ngokomthetho waseNingizimu Afrika, kuyicala ukuzibandakanya ngokocansi nomuntu oneminyaka engaphansi kuka-16. Kuwuhlobo lokudlwengula olubizwa nge-statutory rape.

Ekhuluma ne-ENCA namuhla ngeSonto ekuseni, uNkz Phinah Kodisang oyisikhulu esiphezulu seSoul City Institute, unxuse ukuba kwandiswe izinhlelo zokufundisa izingane ngezinto ezithinta ucansi ezikoleni, ukuze kugwenywe ukukhulelwa kwazo.

“Kufanele sikhathazeke ngokuthi izinombolo ziyaqhubeka nokwenyuka. Uma kukhulelwa ingane ena-13, yimiphi imibuzo eziyibuza leyo ngane? Uma sesilutholile lolo Lwazi, yiziphi izinyathelo esizithathayo?

“Siphila ezweni lapho imithetho ingaqikelelwa ukuthi isebenza ngendlela ebhalwe ngayo kumthethosisekelo. Inkinga ye-statutory rape ayisukunyelwa ngendlela okumele ngabe isukunyelwa ngayo,” kusho uNkz Kodisang.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...