Ilanga News
Home 9 Featured 9 INgonyama uMswati iphawula ngesimo somzimba wayo

INgonyama uMswati iphawula ngesimo somzimba wayo

by | 6 August 2025


IPHAWULE okokuqala esidlangaleni ngesimo somzimba wayo, iNgonyama uMakhosetive Mswati III Dlamini (57).
UMswati ubethula inkulumo emcimbini wokuklonyeliswa ngezindondo nemali, abadlali abavelele emikhakheni eyehlukene.

Kusukela ngenyanga eyedlule, amanye amalungu omphakathi wakuleliya lizwe nengxenye yakuleli nakwamanye amazwe angomakhelwane weSwazini, bazwakalise ukukhathazeka ngesimo somzimba weNgonyama.

Abanye bebelimisa ngesihloko elokuthi iNgonyama iyadunguzela, kodwa ihamba nakho. Babodwa abebethi kungenzeka ukuthi idle ukudla okunoshevu, kodwa kufihliwe.

Wudaba olwaziwayo, futhi olubonakalayo ukuthi kunomehluko ngesimo somzimba kaMswati III. INgonyama ithe akukho ukugula enakho.

Ithe iyazivocavoca ngenhloso yokuzivikela ezifweni ezahlukene.

“Ngiyazi-ke ukuthi uma wehla emzimbeni, kuyaye kube nabantu abayaye bazitshele ukuthi usungenwe wumkhuhlane. Namanje esimweni sami sekuyindaba enkulu yokuthi kusho ukuthi kunezilwane esezingaphakathi kimi.

“Uma uzivocavoca wehla emzimbeni, kugcina sekungenela ngisho nabaphrofethi bezoletha iziphrofetho, bethi kukhona okudlile okungalungile. Babodwa abathumela imiyalezo ngabanye abantu, bethi kufanele ngibuzwe ngesimo sami.

“Mina ngiyazivocavoca, futhi ngiyabakhuthaza nabanye abanamandla okukwenza lokho ukuba bakwenze, ukuze bezosizakala ekuvikeleni izifo okungenzeka zibavukele
ngokuhamba kwesikhathi.

“Ezemidlalo ziwusizo kakhulu empilweni yabantu. Akukho ukugula enginakho ngaphandle kokushintsha indlela yokuphila,”
kuphetha iNgonyama uMswati III.

UMswati ubekhuluma emcimbini oqanjwe ngaye, Ingwenyama Cup Gala Night, obubanjelwe eMavuso Trade Centre, KwaManzini, ngoLwesihlanu. Lo mcimbi uxhaswe yisikhwama esibhekelele ukukhokhelwa kwabantu abalimele ezingozini zezimoto eSwazini, iSincemphetelo Motor Vehicle Accident Fund
(SMVAF).

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...