Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Uhlelo Utatakho lubuya nomethuli omusha

Uhlelo Utatakho lubuya nomethuli omusha

by | 17 December 2025

LUKHUZA ibuya kwesinye isiteshi sikamabonakude nomethuli omusha, uhlelo oluvusa imizwa eyahlukene kubabukeli, olubizwa ngokuthi Utatakho, obelukhonjiswa kuMzansi Magic phambilini.

Lolu hlelo phambilini obelwethulwa nguNimrod Nkosi seluzokhonjiswa kuMzansi Wethu, channel 163, kanti seluzokwethulwa nguNonkayiso “LaConco” Conco (osesithombeni). Isizini ka-9 yalolu hlelo, kubhekwe ukuba iqale kumabonakude ngoMsombuluko mhla ka-26 kuMasingana (January) wango-2026.

Lolu hlelo lumayelana nokuhlanganisa uyise nengane noma izingane. Ngokusho kwesitatimende sabakwaMultiChoice, iNingizimu Afrika isaqhubeka nokuba yizwe elisenobaba bezingane abanyamalalayo, kanjalo nezingxabano zomndeni zisadla lubi, futhi zigcina ziba nomthelela ekukhulisweni kwezingane.

“Uhlelo Utatakho kalugcini ngokuba kumabonakude, kodwa lukhombisa isimo sangempela sezinkinga izingane eziningi zakuleli ezikhula ngaphansi kwaso,” kusho isitatimende.

Lolu hlelo luhlanganisa izingane noyise ngokuthi kwenziwe ulibofuzo oluqinisekisayo ukuthi bukhona yini ubuhlobo phakathi kwabo. Kwesinye isikhathi belushiya ababukeli bemangele uma kwenzeka nonina wengane esedideka uma ulibofuzo selubachitha bobabili, uyise nengane.

Lokhu kuvusa imizwa ebuhlungu enganeni esuke inethemba lokuthola uyise. Kanjalo kuvuka injabulo uma ulibofuzo lubavuna bobabili, sebehlangana ngemuva kweminyaka.

ULaConco akalona ivukana kwezikamabonakude, njengoba eqale ukuzakhela udumo ohlelweni iReal Housewives of Durban. Useke wavela nakwezinye izinhlelo okubalwa kuzona i-Our Perfect Wedding, iForever Thina, iMasked Singer nezinye.

Khonamanjalo, lukhuza ibuya nolunye uhlelo olubizwa ngeFace To Face, lona okulindeleke ukuba isizini yalo entsha iqale ngomhla ka-29 kuMasingana. Lolu hlelo lwethulwa nguSipho Alphi Mkhwanazi. Nalo seluzokhonjiswa kuMzansi Wethu (Channel 163), njengoba phambilini beluboniswa kuMzansi Magic (Channel 161).

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...