Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UHlengiwe Mhlaba uzoqopha bukhoma egubha iminyaka esemculweni

UHlengiwe Mhlaba uzoqopha bukhoma egubha iminyaka esemculweni

by | 14 March 2025

SETHEMBISA into yamehlo isilomo se-gospel, uHlengiwe Mhlaba, edilini lomculo elizobe liseThe Playhouse, eThekwini, mhla ka-22 kuNdasa (March), lapho sizobe sigubha khona iminyaka ewu-20 siyibambile kule ndima.

Kulo mcimbi – obizwa ngele-20 Years of Grace – uHlengiwe uzobe eqopha bukhoma. Phakathi kwezingoma azokube ezicula, kubalwa ethi, “Sewakhile” nethi, “Rock of Ages”, okuyizona azakhela ngazo udumo.

Ebuzwa ukuthi yini emenze waphumelela ukuhlala iminyaka ewu-20 kule ndima, uthe: “Wukuzihlonipha, wukuhlonipha umsebenzi nokwesaba uNkulunkulu. Kule minyaka ewu-20 ngakhe ubudlelwano nabantu abaningi bemikhakha eyahlukene. Nakho lokho kungisizile ekutheni ngihlale ngizithuthukisa njengomculi.

“Ngike ngasebenza nabaculi bezinye izinhlobo zomculo, nalokho kungisizile ekutheni ngihlale ngivelele, ngikhulise negama lami. Njengoba nomkhakha ukhula futhi ushintshashintsha, nami ngiyazama ukuthi ngihambe nezikhathi ukuze ngizokwazi ukuhlale ngisezinhlizweni zabantu,” esho.

Uthe abathandi bomculo wakhe bangalindela uHlengiwe Mhlaba lo abamaziyo, kodwa-ke kumele bamlindele nomunye abangakaze bambona ngaphambilini.

“Le khonsathi izobonakalisa uHlengiwe, iveze amakhono ami wonke ngobuningi bawo. Sizobe senza izingoma ezintsha, kodwa ngeke sizishiye nalezi abantu abazithandayo. Ngizobe ngishiyelana inkundla noJumbo, uThobekile nabanye engizobaveza ngosuku lomcimbi,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...