Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UHlengiwe Mhlaba uzoqopha bukhoma egubha iminyaka esemculweni

UHlengiwe Mhlaba uzoqopha bukhoma egubha iminyaka esemculweni

by | 14 March 2025

SETHEMBISA into yamehlo isilomo se-gospel, uHlengiwe Mhlaba, edilini lomculo elizobe liseThe Playhouse, eThekwini, mhla ka-22 kuNdasa (March), lapho sizobe sigubha khona iminyaka ewu-20 siyibambile kule ndima.

Kulo mcimbi – obizwa ngele-20 Years of Grace – uHlengiwe uzobe eqopha bukhoma. Phakathi kwezingoma azokube ezicula, kubalwa ethi, “Sewakhile” nethi, “Rock of Ages”, okuyizona azakhela ngazo udumo.

Ebuzwa ukuthi yini emenze waphumelela ukuhlala iminyaka ewu-20 kule ndima, uthe: “Wukuzihlonipha, wukuhlonipha umsebenzi nokwesaba uNkulunkulu. Kule minyaka ewu-20 ngakhe ubudlelwano nabantu abaningi bemikhakha eyahlukene. Nakho lokho kungisizile ekutheni ngihlale ngizithuthukisa njengomculi.

“Ngike ngasebenza nabaculi bezinye izinhlobo zomculo, nalokho kungisizile ekutheni ngihlale ngivelele, ngikhulise negama lami. Njengoba nomkhakha ukhula futhi ushintshashintsha, nami ngiyazama ukuthi ngihambe nezikhathi ukuze ngizokwazi ukuhlale ngisezinhlizweni zabantu,” esho.

Uthe abathandi bomculo wakhe bangalindela uHlengiwe Mhlaba lo abamaziyo, kodwa-ke kumele bamlindele nomunye abangakaze bambona ngaphambilini.

“Le khonsathi izobonakalisa uHlengiwe, iveze amakhono ami wonke ngobuningi bawo. Sizobe senza izingoma ezintsha, kodwa ngeke sizishiye nalezi abantu abazithandayo. Ngizobe ngishiyelana inkundla noJumbo, uThobekile nabanye engizobaveza ngosuku lomcimbi,” esho.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...