
LIHLONZWE njengofakazi onamanga iphoyisa lo mgwaqo elisebenzela kumasipala iSedibeng, eGoli, uChief Samuel Mashaba (osesithombeni) njengoba ebevele phambi kweKhomishini kaMadlanga ngoLwesine. UMashaba ubephenywa ngeqhaza alibamba ngemuva kokutholakala kwezidakamizwa e- Aeroton zenani lika-R300 million ezazisuka eThekwini.
Ubebuzwa ngobudlelwano bakhe nosomabhizinisi uMnu uTumelo Nku amethula njengengede (source) yakhe ngesikhathi ebuzwa ngaye. Waze wenza nencwadi efungelwe (affidavit) ophikweni lwamaphoyisa aphenya ngokuziphatha kwamaphoyisa (IPID), ecacisa ukuthi akukho okubahlanganisayo ngaphandle kokuba yingede yakhe. Ikhomishini ithole ukuthi lokhu kungamanga njengoba idonse zonke izingxoxo zabo enkundleni yezokuxhumana uWhatsApp.
Kuvele ukuthi ukuthi lo usomabhizinisi uyamsiza ngezimali. Uke wamboleka u-R30000 exakekile akha ekhaya kubo. Ikhomishana iphinde yaveza ukuthi ubudlelwano babo bunenkohlakalo njengoba uChief Mashaba wake wabophela ithimba lamaphoyisa (SAPS) waliyisa esikhumulweni sezindiza i-O R Tambo, eyobheka amadola kaNku ayedukile.
Ngalokhu uNku kwakumele akhokhe imali eyengeziwe. Ngaphambi kokuba kuhlehliselwe uLwesihlanu (kusasa) ukubuzwa kwalo ufakazi, usihlalo weKhomishini uJaji Mbuyiseli Madlanga ukhale ngokuthi lo fakazi akathembekile njengoba ebe lokhu ezithethelela ngokuthi akasakukhumbuli okwenzeka ngonyaka ka-2019.







