Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kubongwa iqhaza lamakhosi ngemiphumela yabafundi baseMkhanyakude

Kubongwa iqhaza lamakhosi ngemiphumela yabafundi baseMkhanyakude

by | 14 January 2025

YiNkosi uSifiso Gumede enguSihlalo wamaKhosi aseMkhanyakude.

KUBONGWE iqhaza lobuholi bendabuko ngokuba nesandla empumelelweni yabafundi bakamatikuletsheni, ngaphansi kwesiFunda uMkhanyakude, esiziqwaqwade emakhanda zonke KwaZulu-Natal.

UMkhanyakude ulale isithathu kuzwelonke, ngokwemiphumela yabafundi. INkosi uSifiso Gumede, enguSihlalo woMkhandlu wamKkhosi aseMkhanyakude, itshele leliphephandaba ukuthi likhulu iqhaza elibanjwe wubuholi bayo.

“Kunezigaba lapho khona kuyaye kube nokungahambi kahle kwezinto emiphakathini. Kwesinye isikhathi kubikwe ngezigane eziwumvanzi, ezingafuni ukufunda, kodwa izinduna kusukuma zona, zingene emakhaya, kuxoxwe nabazali balezo zingane. Kuyoba akuphelele uma singabongi iqhaza likaMnu Mjozi Motha ongumqondisi wezemfundo lapha kithi eMkhanyakude, othishanhloko nabo bonke othisha.

“Sibonga nomasipala abakhona ngokweseka abafundi ngokudla nangezinsiza ezibalulekile ngezikhathi zokubhalwa kwezivivinyo zabo zokuphela konyaka. Sibonga uMkhandlu wesiFunda uMkhanyakude ngeqhaza olibambile ekwesekeni imfundo yezingane zethu,” kusho iNkosi uGumede.

YIMEYA yaseMkhanyakude uMnu Siphile Mdaka.

IMeya yaseMkhanyakude, uMnu Siphile Mdaka, ihambe emazwini enkosi.

“SiwuMkhanyakude sisendaweni esemakhaya kodwa iyamangalisa imiphumela yokusebenza ngokuzikhandla kwabafundi bethu, othisha nothishanhloko bezikole. Sibonga iqhaza elibanjwe ngamakhosi nobuholi bomdabu ukuqinisekisa ukuthi kayiphazamiseki imfundo yezingane zethu.

“Sibonga ukuba khona kwezinyunyana zothisha ezihlale ziqaphe ukusebenza kwansuku zonke. Kulabo abangaphumelelanga, sinxusa ukuba basebenzise izinhlaka ezisungulelwe ukubalekelela ukuze bezokwazi ukufeza amaphupho abo.

“Siwumkhandlu waseMkhanyakude, sesibheke ukusebenza konyaka ka-2025. Izandla zethu zivulekile ukusiza kunoma yiluphi uhlobo lwesidingo esikhona. Abantwana asebemukelwe ezikhungweni zemfundo ephakeme, sizobasiza ngezidingo zabo,” kusho uMdaka.

IMEYA yaseMkhanyakude, uMnu Siphile Mdaka, n.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...