Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kubongwa iqhaza lamakhosi ngemiphumela yabafundi baseMkhanyakude

Kubongwa iqhaza lamakhosi ngemiphumela yabafundi baseMkhanyakude

by | 14 January 2025

YiNkosi uSifiso Gumede enguSihlalo wamaKhosi aseMkhanyakude.

KUBONGWE iqhaza lobuholi bendabuko ngokuba nesandla empumelelweni yabafundi bakamatikuletsheni, ngaphansi kwesiFunda uMkhanyakude, esiziqwaqwade emakhanda zonke KwaZulu-Natal.

UMkhanyakude ulale isithathu kuzwelonke, ngokwemiphumela yabafundi. INkosi uSifiso Gumede, enguSihlalo woMkhandlu wamKkhosi aseMkhanyakude, itshele leliphephandaba ukuthi likhulu iqhaza elibanjwe wubuholi bayo.

“Kunezigaba lapho khona kuyaye kube nokungahambi kahle kwezinto emiphakathini. Kwesinye isikhathi kubikwe ngezigane eziwumvanzi, ezingafuni ukufunda, kodwa izinduna kusukuma zona, zingene emakhaya, kuxoxwe nabazali balezo zingane. Kuyoba akuphelele uma singabongi iqhaza likaMnu Mjozi Motha ongumqondisi wezemfundo lapha kithi eMkhanyakude, othishanhloko nabo bonke othisha.

“Sibonga nomasipala abakhona ngokweseka abafundi ngokudla nangezinsiza ezibalulekile ngezikhathi zokubhalwa kwezivivinyo zabo zokuphela konyaka. Sibonga uMkhandlu wesiFunda uMkhanyakude ngeqhaza olibambile ekwesekeni imfundo yezingane zethu,” kusho iNkosi uGumede.

YIMEYA yaseMkhanyakude uMnu Siphile Mdaka.

IMeya yaseMkhanyakude, uMnu Siphile Mdaka, ihambe emazwini enkosi.

“SiwuMkhanyakude sisendaweni esemakhaya kodwa iyamangalisa imiphumela yokusebenza ngokuzikhandla kwabafundi bethu, othisha nothishanhloko bezikole. Sibonga iqhaza elibanjwe ngamakhosi nobuholi bomdabu ukuqinisekisa ukuthi kayiphazamiseki imfundo yezingane zethu.

“Sibonga ukuba khona kwezinyunyana zothisha ezihlale ziqaphe ukusebenza kwansuku zonke. Kulabo abangaphumelelanga, sinxusa ukuba basebenzise izinhlaka ezisungulelwe ukubalekelela ukuze bezokwazi ukufeza amaphupho abo.

“Siwumkhandlu waseMkhanyakude, sesibheke ukusebenza konyaka ka-2025. Izandla zethu zivulekile ukusiza kunoma yiluphi uhlobo lwesidingo esikhona. Abantwana asebemukelwe ezikhungweni zemfundo ephakeme, sizobasiza ngezidingo zabo,” kusho uMdaka.

IMEYA yaseMkhanyakude, uMnu Siphile Mdaka, n.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...