Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bazofihlwa ngeSonto abashone engozini yetekisi eMandaba

Bazofihlwa ngeSonto abashone engozini yetekisi eMandaba

by | 4 January 2025

NONHLAKANIPHO SHINGA

BAZOFIHLWA kusasa abashone engozini yemoto emoto eyenzeke endaeni yaseMandaba eNkandla.

Ngokusho koMnyango wezokuThutha, KwaZulu-Natal, oholwa nguMnu Siboniso Duma, inkonzo yomgcwabo ozobe wenganyelwe nguhulumeni wesifundazwe,izobanjelwa enkundleni yemidlalo eManyala ku-ward 6, eMahlayizeni khona eNkandla.

Kuzokhumbuleka ukuthi le ngozi enyantisa igazi yenzeke ekuseni ngoMsombuluko belibangise emshadweni.
ILANGA like labika ukuthi imindeni yabashonile kuthiwa beyimanqika ekungeneleleni kukahulumeni uyhi ufuna ukuzifihlela izihlobo zawo.

NgoLwesihlanu ntambama kube yima umnyango kaMnu Duma uqinisekisa ukuthi kuzongenelela uhulumeni ekufihlweni kwabashonile. Laba abashonile kuthiwa baphinde babe yizihlobo zenkosi uBiyela waseMahlayizeni.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

ABADAYISA emgaqweni eMgungundlovu, bathole ithuba lokuzikhalela kuSihlalo we-IFP, uMnu Thamsanqa Ntuli ngezinkinga ababhekene nazo zokuswela izindawo zokudayisa nokuvinjwa ngabokufika eNingizimu Afrika abathi sebethathe zonke izindawo kuleli dolobha. Lokhu bakuveze...

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Ogaqele isikhundla sobukhansela kwaNyuswa ngaphansi kwesiFunda saseThekwini wemukelwe ngenhlokomo ubuholi bendabuko ngesikhathi ezokwethulwa ubuholi emphakathini. UMnuz Siphiwe Bulose ubezokwethulwa ngoLwesihlanu njengefolosi le-ANC kuward 2 emcimbini wezinduna...

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

AKHULUME ngazwi linye, avumelana ngokuziphatha kahle amaqembu ezepolitiki akhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November). Bekunomcimbi wokusayinwa kwesivumelwano sokuziphatha nokuzibophezela, e-Olive Convention Centre, eThekwini,...