Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bazofihlwa ngeSonto abashone engozini yetekisi eMandaba

Bazofihlwa ngeSonto abashone engozini yetekisi eMandaba

by | 4 January 2025

NONHLAKANIPHO SHINGA

BAZOFIHLWA kusasa abashone engozini yemoto emoto eyenzeke endaeni yaseMandaba eNkandla.

Ngokusho koMnyango wezokuThutha, KwaZulu-Natal, oholwa nguMnu Siboniso Duma, inkonzo yomgcwabo ozobe wenganyelwe nguhulumeni wesifundazwe,izobanjelwa enkundleni yemidlalo eManyala ku-ward 6, eMahlayizeni khona eNkandla.

Kuzokhumbuleka ukuthi le ngozi enyantisa igazi yenzeke ekuseni ngoMsombuluko belibangise emshadweni.
ILANGA like labika ukuthi imindeni yabashonile kuthiwa beyimanqika ekungeneleleni kukahulumeni uyhi ufuna ukuzifihlela izihlobo zawo.

NgoLwesihlanu ntambama kube yima umnyango kaMnu Duma uqinisekisa ukuthi kuzongenelela uhulumeni ekufihlweni kwabashonile. Laba abashonile kuthiwa baphinde babe yizihlobo zenkosi uBiyela waseMahlayizeni.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...