Ilanga News
Home 9 Featured 9 Unenge abaningi umdlalo wokuthelana ngamanzi

Unenge abaningi umdlalo wokuthelana ngamanzi

by | 4 September 2026

BAZWAKALISE ukunengeka abantu ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukusabalala kwama-video, akhombisa izingane eTshwane zibhunyela ngamanzi abantu abadlulayo, ngoba zijabulela ukungena kwentwasahlobo ngomhla ka 1 September.

Abantu abaningi bakhala ngokungahlonishwa yintsha ebiyenza lo mkhuba. Kula ma-video asabalele ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala izingane esezikhulile nezincane, zithela abahamba emgwaqweni ngamabhakede agcwele amanzi.

Okuqaphelekayo wukuthi kunemigqomo emikhulu kadoti egcwaliswe ngamanzi okukhiwa kuyona ukuze kuthelwe abantu abadlulayo. Kokunye abadlala lo mdlalo bebebonakala bemisa izimoto, bethela abaphakathi ngamanzi, kungakhathalekile ukuthi yimoto encane noma ethutha umphakathi.

NgoLwesithathu iTshwane Bus Service, ikhiphe isimemezelo esithi amabhasi amabili ashiyeke engasasebenzi ngenxa yokuthelwa ngamanzi, okudale ukuthi inqwaba yabantu isale dengwane, okubalwa nezingane zesikole. Kuvele izingane zingunge ibhasi ziyiqulela ngamanzi, ezinye zigida phezu kwalo, kujatshulelwa ukungena kwentwasahlobo, enye ibinamawindi aphahlakile.

Kukhalwe ngendelelo yabenza lo mdlalo, kwathiwa umasipala kumele uvale amanzi njalo mhla ka-1 Mandulo ngoba lo mkhuba wenzeka minyaka yonke. Lo mkhuba kawuphethanga kahle, kugcine kunemibiko yababili abalimele, oyedwa kuthiwa ugwazwe ngowesilisa obethukutheliswe wukuthelwa ngamanzi.

Omunye kubikwe ukuthi ushayiswe yimoto ebihamba ngesivinini esiphezulu, ngoba igwema ukuthelwa ngamanzi.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...