Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Kwelulekwa abathengi ngokuqaphela ukuthunjwa kwabantu ngalesi sikhathi

Kwelulekwa abathengi ngokuqaphela ukuthunjwa kwabantu ngalesi sikhathi

by | 10 September 2025


INHLANGANO iStatistics SA isixwayise abathengi ngobungozi bokuphatha ukheshi njengoba ubugebengu bungasagcini ezitaladini kuphela, kodwa sebusabalele nasezinxanxatheleni zezitolo.

Le nhlangano ithi ukuthunjwa kwabantu yizigebengu ezibe seziphoqa izihlobo ukuba zikhokhe izizumbulu ukuze zidedele lowo ezisuke zimthumbile, kudlangile ebantwini abaziwayo ukuthi banemali. Ibalule isigameko sakamuva, lapho usomabhizinisi woMndiya owayethunjwe ngoNtulikazi (July) kulo nyaka, etholakale evalelwe emjondolo e-Alexandra, eGauteng, kuleli sonto.

Amaphoyisa athele othulini “uDollarman”, ongowokudabuka eMozambique, obefunelwa uxhaxha lwamacala okuthumba. Kutholakale ukuthi nguyena “uDollarman” owathumba lo somabhizinisi, efuna ukukhokhelwa imali ukuze amdedele. IStatistics SA, ithi phakathi kukaMfumfu (October) noZibandlela (December) wango-2024, eGauteng kwathunjwa abantu abangu-2 499, KwaZulu-Natal kwathunjwa abangu-901, eWestern Cape baba ngu-275 – abathumbi balaba bantu bafuna imali ukuze babadedele.

Yexwayisa ngokuthi izigameko zokuthunjwa kwabantu abanemali zizokwanda njengoba sekuphela unyaka. UMnu Lungisani Bhengu ongumcwaningi mabhuku nomeluleki wezemali ozinze eGlenwood, eThekwini, uthi abantu abathunjwayo nabaqolwa imali, kuvama ukuba ngabacaphuna kusale, abaziwayo ukuthi banemali.

“Kubalulekile ukuthi umthengi aqaphele uma esemshinini wokukhipha imali, kanti ukufuna usizo ebantwini ongabazi kuyingozi. Uma ufuna ukukhipha imali nge-e-wallet, kodwa ungakwazi noma wehluleka wukukwenza lokhu, kukhona onogada abasebenza ebhange (abangakusiza), ababonakala ngemifaniswano abayigqokayo.

“Abaqola imali sebefudukele enxanxatheleni yezitolo, ngoba bazi ukuthi abantu abaya kulezi zindawo, ngabanemali. Abantu sebencamela ukungena ngaphakathi ezitolo benze o-cashback, ngoba bebona kuphephile kunokukhipha imali emishinini,” kuhlaziya uBhengu.

Ukudunwa nokuqhunyiswa kwezimoto ezithwala imali, wukuthunjwa kwabantu ukuze badedelwe uma sekukhokhwe imali efunwa ngabaduni, ukuqolwa kwabantu imali, konke lokhu iStati-stic SA, ithi yizinto ezidlanga kakhulu ngalesi sikhathi sonyaka. Abathengi belulekwa ukuba bangayiphathi imali eningi ewukheshi, ngoba yiyona eheha abaqoli. menzi.jele@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...