
SIKHIPHE umyalezo oshubile ngomsebenzi waso isilomo somculi kamaskandi uSthembiso “Mroza” Fakude, esikhala ngokudliwa kwamandla aso omculo, singahlomuli lutho.
UMroza, wodumo lwengoma kaVan Damme eyahlukanisa unyaka emsakazweni uKhozi FM ngo-2017, uthi uzoyilwa ngezikhwepha eyokudlalwa komculo wakhe emicimbini kamaskandi angamenyiwe kuyona. Uthi akahambisani nokuthi kusetshenziswe umculo wakhe ekubeni eshaywe ngesithende kulowo mcimbi.
Utshele ILANGA ukuthi azokwenza kuzomangaza abaningi. Uthi ngeke kudliwe amandla akhe ekubeni esaphila, edla amabele.
“Umculo wami ngiwusebenza kanzima. Uma umhleli womcimbi engangimemanga emcimbini wakhe, kungani ejabulisa abantu ngezingoma zomuntu angamdingi emcimbini wakhe? Akudlalwe izingoma zabaculi abamenyiwe kulowo mcimbi, okuyibona izintandokazi ezimenywe ngoba zishisa izikhotha,” kusho uMroza.
Uthe abahleli bemicimbi kumele batshele oDJ abadlala izingoma emcimbini ukuthi owakhe umculo ungadlalwa. UMroza uphawula ngalokhu nje, ngoMgqibelo wangesonto eledlule kubonakale uNgizwe Mchunu engena esteji ngengoma ethi, “Ayaphi Amaphoyisa” emcimbini Amatshiwelele Festival eCurries Fountain, eThekwini, kwanyakaza izihlwele. Lena yalo mculi iphume nyakenye. UMroza uthi ukusetshenziswa komculo weciko lingamenyiwe kuleyo festival, kukhombisa ukuthi libukelwa phansi.
“Uma ngizovumela ukuba amandla ami ahudulelwe phansi ngisaphila, kuyoba njani ezinganeni zami?” esho.
Isazi sezomculo uMnu Tshepo Nzimande owaziwa kakhulu kwiZuz’muzi Music Production, nasenkampanini iBula Music Production, uthi ngokomthetho olawula amaciko nomculo, kufanele abahleli bemicimbi babe nelayisensi yokwenza imicimbi ukuze bezokhokha kwaSouth African Music Rights Organisation (Samro). Uthi uma kudlwalwe ingoma yeciko lingekho lona kulowo mcimbi, kuyakhokhela lokho futhi kuyilungelo lalo ukufuna imali.
“Iciko ligcwalisa amafomu akwaSamro, bese umnikazi womcimbi akhokhe kwaSamro ukuze leyo mali izonikezwa iciko. Ilayisense ifuneka kakhulu kubahleli, exhaswa ngemali kahulumeni imicimbi yabo,” kusho uNzimande.
Uthi akuyona into embi ukudlalwa kwengoma yeciko uma lingekho emcimbini ngoba kulivulela amathuba amahle okuthi ingoma yalo ithakaselwe ngabantu mhlampe abebengayazi.
“Ngesikhathi ngimenenja uShwi noMtekhala, sasimaketha ingoma ethi, “Wangisiza Baba”, kanti uTshatha uzoya komunye umcimbi angene esteji ngengoma ethi, “Ngafa”, bayithakasela kakhulu abantu. UTshatha waya kubaphathi bakhe, wayocela ukuba ishintshwe ingoma ethi, “Wangisiza Baba” emshinini woKhozi FM, kufakwe ethi, “Ngafa” ngoba ubone komunye umcimbi beyithanda abantu. Kulowo mcimbi wayengaqashiwe uShwi noMtekhala. Ingoma kaShwi yaduma kanjalo,” esho.







