Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu Featured 9 UMr Magic ‘uzogcotshelwa ukuba ngumfundisi’

UMr Magic ‘uzogcotshelwa ukuba ngumfundisi’

by | 31 May 2026

IKHULUNYELWA phansi eyokugcotshelwa kwesokuba ngumfundisi kwenkakha yezokusakaza uLinda “Mr Magic” Sibiya osanda kujoyina iGagasi FM, lapho eshayela khona izinhlelo zenkolo.

UMr Magic owazakhela udumo esakaza oKhozini FM, ujoyine iGagasi kulo nyaka ngemuva kweminyaka engazwakali emoyeni. usakaza ihora elilodwa ekuseni phakathi nezinsuku nohlelo olugcwele ngamaSonto.

ILANGA lithole ukuthi ngempelasonto yePhasika uMr Magic, waphakanyiswa kwesokuba ngumfundisi enkonzweni enkulu yebandla iSambulo ngaphansi kukamBhishobhi uMkhwanazi. Umthombo weLANGA osondelene nalo msakazi, uthi bekungaqali ukuba uMr Magic aphakanyiselwe kwesokuba umfundisi, njengoba eminyakeni eyedlule wake waphakanyiswa, kodwa wazwakalisa ukuthi akakakulungeli.

“Kulokhu ukhombise intshisekelo, seziqalile nezinhlelo zomcimbi wokumgcoba, okulindeleke ukuba ube kubo eShowe ngoNhlangulana (June),” kusho umthombo.

Uveze ukuthi uMr Magic nakuba ekwamukela lokhu kuphakanyiswa, kodwa unovalo ngenxa yokuthi ukuba ngumfundisi kuza nomsebenzi omningi. Lo mthombo uthe akakabi naso isiqiniseko ngokuthi uMr Magic uzovula ibandla, noma uzoqhubeka nokuhambela amabandla ahlukene. ILANGA lixhumane nomunye wabefundisi abasondelene noMr Magic, naye okuqinisekisile ukuthi lo msakazi usezoba ngumfundisi ngokusemthethweni.

“Sesike sakuxoxa naye lokhu, waveza nokuthi useke wakuzilela ukuze azilungiselele,” kusho lo mfundisi ocele ukungadalulwa, kodwa kuthintwe uMr Magic ngqo ngalolu daba. UMr Magic uqale ngokubabaza ebuzwa ngalolu daba. Uthe akakalungeli ukuphawula ngalolu daba kwabezindaba.

“Okwamanje akukho engizokusho ngaphandle kokuthi ngizolandela imiyalelo kambhishobhi wami ongiholayo,” kusho yena.

Uthembise ukudlulisela inombolo yocingo kambhishobhi wakhe kwiLANGA, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakayithumeli. UMr Magic akayena umsakazi wokuqala ukungena ebufundisini njengoba uSipho “DJ Sgqemeza” Mbatha owayengumsakazi oKhozini FM naye osengumfundisi.

UMr Magic wazakhela udumo kwezokusakaza nangezinkulumo ezakhayo lapho ayebambisene khona noMfu Sithembiso Zondo, baze baba nomzungezo wokuhambela amabandla obizwa ngokuthi, “Its Not Over Until God Says It’s Over Tour”.

Ezisematheni

Ubanjwe eMelmoth ‘owabulala’ abangu-9 eSydenham

Ubanjwe eMelmoth ‘owabulala’ abangu-9 eSydenham

UBANJWE Obuka, eMelmoth umsolwa obefunelwa amacala okubulala abantu abangu-9 ezigamekweni ezimbili ezehlukene eSydenham ngo-2021. Okhulumela amaPhoyisa kwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe umsolwa ubanjwe ngoLwesithathu ebusuku wuPhiko lweMuder and Robbery...

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...