Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UKhawula uxwayise ngokuqashwa ngokweqile kwamaciko ngesikhathi samaholidi

UKhawula uxwayise ngokuqashwa ngokweqile kwamaciko ngesikhathi samaholidi

by | 9 December 2025

UXWAYISE amaciko ngokuzinakekela angavumi ukuqashwa ngokweqile ukuvikela impilo zayo ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko nesemiDlalo KwaZulu Natal uMnu Mntomuhle Khawula.

UKhawula ubekhuluma emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kohlelo lomnyango lwala maholidi nemicimbi yokujabula nezemidlalo ozoba ingxenye yawo.

UKhawula uxwayise ngokuthi amaciko ikakhulukazi lawo azobe ehla enyuka isifundazwe ejabulisa abantu ukuba aqikelele ukuthi aqashwa ngendlela ezokwazi ukuthi babe nemifutho futhi baphephe nasemgwaqweni.

Uthe uma amaciko ejaha ukulandela imali agcina engasakwazi ukwenza ubulungiswa kulabo abasuke bekhokhile ukuzobabuka ngenxa yokukhathala.

“Omunye ngamtshela komunye umcimbi ukuthi usirobhile futhi wagcina evumile ukuthi wayephuthuma ejahe komunye umcimbi. Lokhu kuyalehlisa izinga njengoba sifuna ezobuciko esifundazweni zihambe phambili,” esho.

Uphinde wakhumnbuza amaciko ukuthi kawaqhudelani njengoba ekulo mkhakha kodwa ayasekana ngakho akulona icala ukudlulisela eminye imicimbi kwabanye ozakwabo uma engakwazi ukuba ingxenye yomcimbi.

UKhawula uveze ukuthi kula maholidi bayixhase imicimbi eyahlukene yenjabulo okuhlanganisa neyezingoma zasemakhaya. Uthe umnyango uxhase cishe imicimbi elinganiselwa ku-12 kuyaphezulu yezingoma kula maholidi.

Uqhube ngokuthi kule micimbi yobumnandi abayixhasile babatshelile abahleli bayo ukuthi kumele zonke izinhlobo zomculo zimeleleke ngoba alukho uhlobo lomculo okumele lusale ngaphandle.

Ungqongqoshe uphinde waveza ukuthi umcimbi walo nyaka wosuku lokubuyisana lwangomhla ka-16 kuZibandlela luzobanjelwa kulesi sifundazwe njengoba uzoba useNcome.

Kulo mcimbi ungqongqoshe uthe uzobe uhanjelwe nawuMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko nezemeDlalo kuzwelonke uMnu Gayton McKenzie nezinye izikhulu zikahulumeni.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...