Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UKhawula uxwayise ngokuqashwa ngokweqile kwamaciko ngesikhathi samaholidi

UKhawula uxwayise ngokuqashwa ngokweqile kwamaciko ngesikhathi samaholidi

by | 9 December 2025

UXWAYISE amaciko ngokuzinakekela angavumi ukuqashwa ngokweqile ukuvikela impilo zayo ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko nesemiDlalo KwaZulu Natal uMnu Mntomuhle Khawula.

UKhawula ubekhuluma emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kohlelo lomnyango lwala maholidi nemicimbi yokujabula nezemidlalo ozoba ingxenye yawo.

UKhawula uxwayise ngokuthi amaciko ikakhulukazi lawo azobe ehla enyuka isifundazwe ejabulisa abantu ukuba aqikelele ukuthi aqashwa ngendlela ezokwazi ukuthi babe nemifutho futhi baphephe nasemgwaqweni.

Uthe uma amaciko ejaha ukulandela imali agcina engasakwazi ukwenza ubulungiswa kulabo abasuke bekhokhile ukuzobabuka ngenxa yokukhathala.

“Omunye ngamtshela komunye umcimbi ukuthi usirobhile futhi wagcina evumile ukuthi wayephuthuma ejahe komunye umcimbi. Lokhu kuyalehlisa izinga njengoba sifuna ezobuciko esifundazweni zihambe phambili,” esho.

Uphinde wakhumnbuza amaciko ukuthi kawaqhudelani njengoba ekulo mkhakha kodwa ayasekana ngakho akulona icala ukudlulisela eminye imicimbi kwabanye ozakwabo uma engakwazi ukuba ingxenye yomcimbi.

UKhawula uveze ukuthi kula maholidi bayixhase imicimbi eyahlukene yenjabulo okuhlanganisa neyezingoma zasemakhaya. Uthe umnyango uxhase cishe imicimbi elinganiselwa ku-12 kuyaphezulu yezingoma kula maholidi.

Uqhube ngokuthi kule micimbi yobumnandi abayixhasile babatshelile abahleli bayo ukuthi kumele zonke izinhlobo zomculo zimeleleke ngoba alukho uhlobo lomculo okumele lusale ngaphandle.

Ungqongqoshe uphinde waveza ukuthi umcimbi walo nyaka wosuku lokubuyisana lwangomhla ka-16 kuZibandlela luzobanjelwa kulesi sifundazwe njengoba uzoba useNcome.

Kulo mcimbi ungqongqoshe uthe uzobe uhanjelwe nawuMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko nezemeDlalo kuzwelonke uMnu Gayton McKenzie nezinye izikhulu zikahulumeni.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...