Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 ICebolethu lichitha ‘eyokukhetha iphela emasini’

ICebolethu lichitha ‘eyokukhetha iphela emasini’

by | 9 July 2025

NGUTHEMBISA Mdoda-Nxumalo owethula uhlelo lukamabonakude, Icebo Labantu.

ISIKHULU senkampani yokungcwaba, Icebolethu, uMnu Webster Chikengezha, sichitha imibiko yokuthi le nkampani yodumo ingcwaba ngokusezingeni eliphezulu imingcwabo yosaziwayo nezikhulu kuphela.

UChikengezha oyiChief Operations Officer kule nkampani, ubekhuluma emcimbini wokwethulwa kohlelo lukamabonakude lokungcwaba, olubizwa ngokuthi yiCebo Labantu, oluqale ukukhonjiswa ngeSonto esiteshini iSABC 1.

Uthe uyajabula ngalolu hlelo ngoba, yilapho abantu bezobona okuningi kwenziwa yile nkampani, ikwenzela abantu baseNingizimu Afrika.

“Siyazi kunabantu abathi Icebolethu lingcwaba kahle osaziwayo nezikhulu kuphela. Lokhu siyakuchitha, akunjalo, futhi ngalolu hlelo bazobona ngokusobala ukuthi wonke umuntu siyamhlonipha,” esho.

Uthe bahlale beqinisekisa ukuthi wonke umuntu ufihlwa ngesizotha nenhlonipho, ngaphandle kokubheka izinga lakhe ngokwempilo.

Kulolu hlelo kuvela abantu abangcwatshwa yile nkampani ngezindlela ezahlukene njengoba eminingi imingcwabo ezovela, kusuke kuyilona Icebolethu
elingenelelayo, ukusiza lowo mndeni.

Uhlelo lwethulwa nguThembisa Mdoda-Nxumalo oseke wethula izinhlelo ezahlukene kumabonakude, okubalwa ne-Our Perfect Wedding.

Ekhuluma kulo mcimbi, uThembisa uthe lolu hlelo lumvule amehlo ngezimo imindeni ehlangabezana nazo.

ULengend Manqele onguMdidiyeli walolu hlelo, uthe uyakuqonda ukuthi ngalolu hlelo, kuzoba nabantu abazofuna ukungcwatshelwa yile nkampani, mahhala.

“Kasisho ukuthi abantu mabasibhalele, befuna ukungcwatshelwa, kodwa sizobheka isimo ngesimo, ngaphambi kokuthi sivume ukuqopha umngcwabo,” esho.

Uthe uyakuqonda ukuthi kweminye imindeni kuzovuka iminjunju uma sekukhonjiswa imingcwabo yayo kumabonakude, kodwa bazimisele ukuxhumana nayo, bayisize ngokwelulekwa ngokwengqondo ngenxa yokuthi bayikhathalele.

Uthe babambisene nemindeni ezovela kulolu hlelo. Uphethe ngokuveza ukuthi abantu bazobona konke okwenzekayo, kusukela ekuhleleni umngcwabo kuze kufike usuku lwawo.
lucky.cain@iloanganews.co.za

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...