Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 ICebolethu lichitha ‘eyokukhetha iphela emasini’

ICebolethu lichitha ‘eyokukhetha iphela emasini’

by | 9 July 2025

NGUTHEMBISA Mdoda-Nxumalo owethula uhlelo lukamabonakude, Icebo Labantu.

ISIKHULU senkampani yokungcwaba, Icebolethu, uMnu Webster Chikengezha, sichitha imibiko yokuthi le nkampani yodumo ingcwaba ngokusezingeni eliphezulu imingcwabo yosaziwayo nezikhulu kuphela.

UChikengezha oyiChief Operations Officer kule nkampani, ubekhuluma emcimbini wokwethulwa kohlelo lukamabonakude lokungcwaba, olubizwa ngokuthi yiCebo Labantu, oluqale ukukhonjiswa ngeSonto esiteshini iSABC 1.

Uthe uyajabula ngalolu hlelo ngoba, yilapho abantu bezobona okuningi kwenziwa yile nkampani, ikwenzela abantu baseNingizimu Afrika.

“Siyazi kunabantu abathi Icebolethu lingcwaba kahle osaziwayo nezikhulu kuphela. Lokhu siyakuchitha, akunjalo, futhi ngalolu hlelo bazobona ngokusobala ukuthi wonke umuntu siyamhlonipha,” esho.

Uthe bahlale beqinisekisa ukuthi wonke umuntu ufihlwa ngesizotha nenhlonipho, ngaphandle kokubheka izinga lakhe ngokwempilo.

Kulolu hlelo kuvela abantu abangcwatshwa yile nkampani ngezindlela ezahlukene njengoba eminingi imingcwabo ezovela, kusuke kuyilona Icebolethu
elingenelelayo, ukusiza lowo mndeni.

Uhlelo lwethulwa nguThembisa Mdoda-Nxumalo oseke wethula izinhlelo ezahlukene kumabonakude, okubalwa ne-Our Perfect Wedding.

Ekhuluma kulo mcimbi, uThembisa uthe lolu hlelo lumvule amehlo ngezimo imindeni ehlangabezana nazo.

ULengend Manqele onguMdidiyeli walolu hlelo, uthe uyakuqonda ukuthi ngalolu hlelo, kuzoba nabantu abazofuna ukungcwatshelwa yile nkampani, mahhala.

“Kasisho ukuthi abantu mabasibhalele, befuna ukungcwatshelwa, kodwa sizobheka isimo ngesimo, ngaphambi kokuthi sivume ukuqopha umngcwabo,” esho.

Uthe uyakuqonda ukuthi kweminye imindeni kuzovuka iminjunju uma sekukhonjiswa imingcwabo yayo kumabonakude, kodwa bazimisele ukuxhumana nayo, bayisize ngokwelulekwa ngokwengqondo ngenxa yokuthi bayikhathalele.

Uthe babambisene nemindeni ezovela kulolu hlelo. Uphethe ngokuveza ukuthi abantu bazobona konke okwenzekayo, kusukela ekuhleleni umngcwabo kuze kufike usuku lwawo.
lucky.cain@iloanganews.co.za

Ezisematheni

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UVUKWE yisibibithwane, wafikelwa yisiyezi  uNobhala Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo. Inkantolo ivune iqembu lakhe ngokubhaliswa kwamagama okumele abesohlwini lwalabo abagaqele...

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

OSOMABHIZINISI bathembise ukutshala imali engu-R124.5 billion kwaZulu-Natal ngesikhathi benza izethembiso kwingqungquthela, iKZN Investment Conference ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesine. Lezi zindaba zivele kwingqungquthela...

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

ABAHLALA emgaqweni bakhala ngokushaywa amaphoyisa kaMasipala weTheku ngisho bengenze lutho uma ebafica belele emgaqweni yize kwaziwa ukuthi abanazo izindawo zokuhlala. Lokhu bakuveze esikhungweni esibabhekelela ngokudla nezinye izidingo iDenis Hurley, eThekwini...