Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ukhiphe eye-Afro Pop ozalwa nomculi kamaskandi

Ukhiphe eye-Afro Pop ozalwa nomculi kamaskandi

by | 2 April 2025

Uphume eceleni kunabafowabo abacula umaskandi wakhetha i-Afro Pop uZamikhaya Ndawose osanda kukhipha ingoma entsha esihloko sithi Impumelelo.

UZamikhaya ozibiza ngoZamz Mtag emculweni uthe umfowabo owaziwa ngelika-Automatiq emculweni ushaya umaskandi.

“Umculo into esikhule ngayo ekhaya ngoba ubaba ubedlala isigingci. Sonke nabafowethu sigcine sicula kodwa mina ngakhetha i-Afro Pop ngoba ngiyithanda,” kusho le nsizwa eneminyaka ewu-35 ubudala.

Ithe yakuzwa kulula ukudlulisa umyalezo nge-Afro Pop ngoba ayibhali ngisho ukubhala izinhlamvu ziyazifikela.

“Umculo ngiwuthatha njengento yokugqugquzela abantu ngoba angikhulumi ngothandon njengabanye. Ngikhuluma ngokwenzekayo ngibuyise nethemba,” usho kanje.

Uthi ithemba yinto abambelele kuyo naye njengoba eqhuba umculo kulandela ukungawutholi umsebenzi kade eqeda iziqu ze-Information Technology.

“Lolo lwazi lwami lwama-computer lungisize kakhulu ngoba ukuphrojusa bengizifundisa ngokubuka ama-video kuYoutube ngengeza kulwazi engiluthole ekhaya. Manje ngiyazibhalela, ngiya projusa bese ngiya mastarisha mina ngoba ngine studio sami.”

Uthe kungekudala uzokhipha i-EP ngoba unezinye izingoma azenzile.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...