Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Owe-gospel ubuyela ukuyokwenza imigilingwane e-ICC

Owe-gospel ubuyela ukuyokwenza imigilingwane e-ICC

by | 18 March 2026

UFISA iTheku liwengamele ube yikhaya lomcimbi eyedwa ngokugcwele umculi we-gospel u-Ayanda Ntanzi osanda kumemezela ukubuya kwalo mcimbi obuyela eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre ngomhla ka-11 kuNtulikazi nonyaka.

Lo mcimbi uqale eminyakeni emibili eyedlule kuyona le ndawo kwathi ngonyaka owedlule wenzelwa ezinkundleni zemimdlalo iMoses Mabhida njengoba usubuyela e-ICC kulo nyaka futhi uzobizwa nge-Ayanda Ntanzi One Man Show.

Ngonyaka owedlule u-Ayanda wakhala ngabaxhasi abamlaxaza ngomzuzu wokugcina ngesikhathi eseMoses Mabhida kodwa waphokophela waqhubeka lo mcimbi futhi waba impumelelo nakuba ingagcwalanga le nkundla.

Ekhuluma neLANGA U-Ayanda uthe ukhethe ukubuyela e-ICC ngenxa yokwenza imigilingwane nezimanga.

“Indawo efana ne-ICC iyakwazi ukungivumela ukuthi ngenze okungaphezulu nokucula kodwa ngiqize into ehlanganisiwe abantu abazoyithokozela. Uma ukhumbula ngesikhathi siwenzele khona ngakwazi ukumangaza abantu ngaqhamuka ngilenga ngentambo okuyinto abantu ababengayilindele,” kuchaza u-Ayanda.

Uthe le ndawo iyamkhulula ukuthi akwazi ukucabanga ngaphandle kokuzivalela ebhokisini. “Uma ngihlanganisa lo mcimbi ngisuke ngenza into okumele ihlale ezingqondweni zabantu ingunaphakade.

Bathi bedumisa kodwa bebe bebona nobuciko obuhlakani esibuhlanganisile ukuze bathokoze,” kusho yena. Uthembise ukwenza okudlulele kunalokho abantu abacabanga ukuthi bayakwazi ngaye.

“Okunye okuzojabulisa abantu wukuthi sizobe siqhulula namanoni amasha esesiwaqophile esinesiqiniseko sokuthi abantu bazowathokozela Nakulo nyaka sifisa kushaye usuku lo mcimbi esedayiswe aphela wonke amathikithi, yingakho sisheshe sawumemezela lo mcimbi ukuze abantu bahlele kahle kusanesikhathi nathi sikwazi ukuthi sizilungiselele ngaphandle kokuxhamazela,” kusho le ntandokazi yomculi we-gospel.

U-Ayanda uthe okwamanje akakacabangi ukusuka kuleli dolobha ngalo mcimbi wakhe njengoba ezimisele ngokuthi liphenduke ikhaya lawo ngokugcwele.

“Kubalulekile ukuthi uma wenza umcimbi ube yingxenye yekhalenda laminyaka yonke kuleli dolobha ngaphandle kokulokhu uwuntuntisa,” kusho lo mculi.

Ezisematheni

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...