Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 I-SABC 1 izohlonipha uBrenda Fassie nge-documentary

I-SABC 1 izohlonipha uBrenda Fassie nge-documentary

by | 14 November 2025

ISITESHI sikamabonakude iSABC 1, sizohlonipha siphinde sikhumbule inkakha yezomculo engasekho uBrenda Fassie, ngokukhombisa i-documentary eneziqephu ezine, ngempilo yale ntandokazi yomculi, kusuka ngoMgqibelo ngo-20h00.

Ngokusho kweSABC 1, le documentary esihloko sithi, “Vulindlela”, izoveza ibuya likaBrenda ngemuva kokushayeka emculweni, lapho akhipha khona i-albhamu eyambuyisela esicongweni esihloko esithi, “Vulindlela”.

Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sihloko sale albhamu sihambisana nengoma ebalwa nezaba nedumela elikhulu kuleli. Kule documentary, uBrenda uyazikhulumela ngokuqoshwa kwale albhamu, nangayo le ngoma okuvela ukuthi yamvuselela sekuphelile ngaye emculweni.

Abanye abazobonakala bechaza ngempilo kaBrenda kule documentary, ngamalungu omndeni wakhe, abangani, yilabo ahlanganyele nabo emculweni nasebeke babhala ngempilo yakhe.

Izophinde ihambisane nesiqephu esiqoshiwe esikhuluma ngempilo yakhe lapho kuzobe kulingisa khona abalingisi bakuleli abadumile. Phakathi kwabalingisi abazobonakala kulesi siqephu kubalwa uBrenda Ngxoli, ozolingisa ubizo wakhe, noSphamandla Dhludhlu ozodlala ekaChicco Thwala.

Isikhulu esiphezulu sakwaSABC 1, u-Ofentse Thinane, sichaze impilo kaBrenda njengokungafanele ilibaleke eNingizimu Afrika.

“Impilo kaBrenda iyisibonelo esihle sokuphokophela ukufeza amaphupho, yize kunezingqinamba ohlangabezana nazo endleleni ebhekene empumelelweni,” kusho uThinane.

Isiqephu sokuqala sale documentary sizokhonjiswa kusuka ngalo Mgqibelo, kanti esokugcina sizodlala ngomhla ka-6 kuZibandlela (December). UBrenda ungomunye wabaculi abazakhela igama ngeminyaka yama-90s eNingizimu Afrika.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...