Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Olokubulawa kukaKhwela luzophenywa yiPKTT

Olokubulawa kukaKhwela luzophenywa yiPKTT

by | 7 August 2026

LIZOPHENYWA wuhlaka oluphenya amacala okusocongwa kosopolitiki olokubulawa kwekhansela laseKlaarwater, eThekwini, uMnu Sibusiso Khwela, odutshulwe wabulawa abasolwa abangaziwa izolo emini.

Ngokusho komkhulumeli wamaPhoyisa kuzwelonke, uBrig Athlenda Mathe, abaphenyi be-PKTT sebewuqalile umsebenzi wabo. Uthi banethemba lokuthi leli thimba lizoluxazulula loludaba.


“IPKTT yiyo ezohola uphenyo. Igeja selisensimini kubaphanyi. Sinethemba lokuthi bazo bazoqinisekisa ukuthi babhekana nengalo yomthetho abenze lesi senze,” kusho uMathe.


Ngokwembiko, kuvela ukuthi uKhwela, obeyikhansela ngethikithi le-ANC, uhlaselwe abasolwa abafike ehhovisi lakhe bengabantu abadinga usizo. Kuthiwa akuphelanga sikhathi befikile kwezwekala sekuqhuma isibhamu, kwabonakala abasolwa bebaleka ngezinyawo. I-ANC kwisiFunda seTheku isigxekile lesi sigameko. Ithi inethemba lokuthi amaphoyisa azoyithola imbangela yokubulawa kukaKhwela.

Ezisematheni

I-MKP isifake isimangalo ifuna kucwaningwe amavoti ayo eThekwini

I-MKP isifake isimangalo ifuna kucwaningwe amavoti ayo eThekwini

IQEMBU uMkhonto weSizwe Party selifake isimangalo kwikhomishana yokhetho i-IEC kwaZulu-Natal njengoba lisola ukuthi kukhona okungahanjisiwe kahle ekubalweni kwamavoti ayo. Lokhu kuza emva kokuthi kube nemibiko yokungadonsi kahle kwemishini kwezinye izindawo okuthiwa...

Ogqame kokamaskandi ungena kowesicathamiya

Ogqame kokamaskandi ungena kowesicathamiya

BAJABULELE 'ukuqaqeka' kwezinkinga emculweni wabo abaculi besicathamiya, ngesikhathi kungenelela kuwona odume kakhulu kwezokuhlelwa kwemicimbi kamaskandi eThekwini. Lokhu kuvezwe ngabaculi bakacothoza, bejabulela ukungenelela kukaMnu Xolani Mcineka owaziwa...