Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ushaya amakhala umndeni wodutshulwe wafa esiteshini samaphoyisa

Ushaya amakhala umndeni wodutshulwe wafa esiteshini samaphoyisa

by | 8 April 2025

UYAVEVA yintukuthelo umndeni wowesilisa waseHambanathi, oThongathi, odutshulwe ngamaphoyisa phakathi esiteshini ngoba kuthiwa ubezama ukweqa esitokisini.

Umndeni kaMnu Sihle Dlamini, ufuna incazelo ngokubulawa kwakhe kulandela lesi sigameko esenzeke ngoLwesithathu ntambama esiteshini samaphoyisa oThongathi.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, umufi ubeboshiwe ngezinsolo zokweba okuthe esesiteshini wabe esedutshulwa ngamaphoyisa ngoba ethi ubezama ukweqa.

UNkz Vuyokazi Zulu ongudadewabo kamufi, ukhulume neLANGA, wathi umfowabo ubulawa ngamaphoyisa nje, ubebizwe wumndeni ngemuva kokulahleka kwezimpahla endlini, kwasolwa yena umufi.

Uthi babize amaphoyisa ngoba befuna ayozikhomba lapho ezidayise khona.

“Amaphoyisa amthathile aya naye esiteshini. Singenile nathi esiteshini sawabona embhalisa yonke into, ayomfaka esitokisini. Asazi ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi abuyiswe esitokisini, ngoba sithe

sesingaphandle sesilungele ukuhamba sambona eqhamuka ebaleka, wakhubeka wawela phansi iphoyisa lambopha, sezwa ukuqhuma kwesibhamu eselele phansi,” kusho yena.

Uqhube wathi kubaxakile ukuthi umfowabo adutshulwe eselele phansi futhi engaphethe sikhali esiyingozi emaphoyiseni.

“Uhlale isikhathi eside engalutholi usizo, ubedubuleke ngasesinqeni. Ushonele esibhedlela, sicabanga ukuthi nakho ukopha kakhulu kube nomthelela. Kumanje silinde umbiko kadokotela ngoba esikutholile wukuthi kunomthambo othintekile oyingozi,” esho.

Uthi abakufunayo wubulungiswa njengoba lesi sigameko senzeke bebuka. Uthi besingekho isidingo sokuba umufi adutshulwe eselele phansi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda uthe kunophenyo ngokufa komuntu kulandela isigameko lapho owesilisa oneminyaka ewu-39 ezame ukweqa esitokisini emuva kokuboshwa.

Uthi iphoyisa libe selimvimba ezama ukweqa uthango kanti uzozama ukudonsa isibhamu sephoyisa, wabe esedubuleka.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...