MTHOBISI SITHOLE
UKHUTHAZE ukuzethemba kubaculi bakamaskandi ngokuthi ababhale izingoma ezingamanoni bengapikanga abaculi bolunye uhlobo lomculo. Lokhu kuphawulwe uKhuzani ngoMgqibelo ethula ngokusemthweni kwe-albhamu yakhe entsha esihloko esithi “Angidlali Nezingane”. Le albhamu yethulwe eWorkshop eThekwini, bekuminyene utshumo abantu befike ngothi lwabo ngenhloso yokum’bona ecula lezi zingoma ezintsha ezisematheni kwabaningi. Ufike kulo mcimbi wakhe selithambama ephelezelwa amabutho abekade evunule ephethe nezihlangu.
Echaza uKhuzani ngokwethulwa kwakhe le albhamu okube nesasasa ngenxa yokufika kwabantu ngobuningi, uthi uphuthumise ukuculela abantu lezi zingoma ngenxa yokuthakaselwa kwazo kakhulu akubone ezinhlakeni zokuxhumana. Uthi njengamanje ayikho ingoma yakhe esilalelwe ngabantu online kuYoutube engaphansi kuka-200 000 kulezi eziwu-19 azikhiphile. Phakathi kwezingoma ezithandwa ngabantu, kubalwa ethi “Imbongolo, Angidlali Nezingane enezinhlamvu ezithi “Ngena Kulayini” , Ngikwenzeleni nezinye. Uveze ukuthi izingoma zakhe zithandwe abantu abangekho emkhakheni wezomculo wesintu ababonakala beshutha amavideo ngazo ezinkundleni zokuxhumana. Uthi lokhu kuyizinkomba zokuthi umculi kamaskandi engaduma ngengoma yakhe engapikanga abanye abaculi abangaculi umaskandi.
“Singumaskandi singazimela sinyakazise kwasani singapikanga. Kufanele silwe nalento yokuthi umculi kamaskandi ukuze adume ngengoma emnandi, kulandwa abaculi kwezinye izinhlobo zomculo. Singapikana sisodwa endimeni kamaskandi sishaye amanoni. Ngibone ngami njengoba izingoma zami zithandwe kangaka nje akekho umculi ongaculi umaskandi engipikene naye,” kusho uKhuzani. Uthi ukuhlanganisa u-1 Million wesibalo sabantu abalalele ingoma yakhe ngosuku olulodea vo iphumile, kuyena khombise ukuthi omaskandi bengathuthuka kakhulu uma beziqunga isibindi.
“Asizimele ukuze siqede inkolelo yabantu abasola ukuthi siphakama kumaskandi ngoba sesipike abanye abaculi beHip hop, Kwaito, Gospel nokunye,” esho.
mthobisis@ilanganews.co.za