Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ukhuthaze ukuzabalaza komasikandi uKhuzani ethula eyakhe

Ukhuthaze ukuzabalaza komasikandi uKhuzani ethula eyakhe

by | 1 December 2024

MTHOBISI SITHOLE

UKHUTHAZE ukuzethemba kubaculi bakamaskandi ngokuthi ababhale izingoma ezingamanoni bengapikanga abaculi bolunye uhlobo lomculo. Lokhu kuphawulwe uKhuzani ngoMgqibelo ethula ngokusemthweni kwe-albhamu yakhe entsha esihloko esithi “Angidlali Nezingane”. Le albhamu yethulwe eWorkshop eThekwini, bekuminyene utshumo abantu befike ngothi lwabo ngenhloso yokum’bona ecula lezi zingoma ezintsha ezisematheni kwabaningi. Ufike kulo mcimbi wakhe selithambama ephelezelwa amabutho abekade evunule ephethe nezihlangu.

Echaza uKhuzani ngokwethulwa kwakhe le albhamu okube nesasasa ngenxa yokufika kwabantu ngobuningi, uthi uphuthumise ukuculela abantu lezi zingoma ngenxa yokuthakaselwa kwazo kakhulu akubone ezinhlakeni zokuxhumana. Uthi njengamanje ayikho ingoma yakhe esilalelwe ngabantu online kuYoutube engaphansi kuka-200 000 kulezi eziwu-19 azikhiphile. Phakathi kwezingoma ezithandwa ngabantu, kubalwa ethi “Imbongolo, Angidlali Nezingane enezinhlamvu ezithi “Ngena Kulayini” , Ngikwenzeleni nezinye. Uveze ukuthi izingoma zakhe zithandwe abantu abangekho emkhakheni wezomculo wesintu ababonakala beshutha amavideo ngazo ezinkundleni zokuxhumana. Uthi lokhu kuyizinkomba zokuthi umculi kamaskandi engaduma ngengoma yakhe engapikanga abanye abaculi abangaculi umaskandi.


“Singumaskandi singazimela sinyakazise kwasani singapikanga. Kufanele silwe nalento yokuthi umculi kamaskandi ukuze adume ngengoma emnandi, kulandwa abaculi kwezinye izinhlobo zomculo. Singapikana sisodwa endimeni kamaskandi sishaye amanoni. Ngibone ngami njengoba izingoma zami zithandwe kangaka nje akekho umculi ongaculi umaskandi engipikene naye,” kusho uKhuzani. Uthi ukuhlanganisa u-1 Million wesibalo sabantu abalalele ingoma yakhe ngosuku olulodea vo iphumile, kuyena khombise ukuthi omaskandi bengathuthuka kakhulu uma beziqunga isibindi.
“Asizimele ukuze siqede inkolelo yabantu abasola ukuthi siphakama kumaskandi ngoba sesipike abanye abaculi beHip hop, Kwaito, Gospel nokunye,” esho.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...