Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ukhuza ibuya umzungezo wemidlalo yeshashalazi esuselwa ezincwadini zesikole

Ukhuza ibuya umzungezo wemidlalo yeshashalazi esuselwa ezincwadini zesikole

by | 29 January 2025

Izogubha iminyaka engu 21 yasungulwa iKhayalamangema Arts Production ngokuhlela imijikelezo ezifundazweni ezintathu ngenhloso yokugqugquzela usiko lokufunda kwezincwadi ezikoleni.

Lo mkhankaso ufuqwa uKhaya Ngema owuqweqwe lomlingisi wemidlalo yeshashalazi nakumabonwakude.

Izincwadi eziningi ezifundwa ezikoleni uzishintshile wazenza imidlalo yasesiteji.

Uthe ocwaningeni alwenza wathola ukuthi abanye abafundi banamhlanje kuyabhora ukugxila ekufundweni kwezincwadi njengoba bechitha isikhathi ezinkundleni zokuxhumana njengoTik Tok, uFacebook nezinye.

Uthe ngokushintsha izincwadi zibe imidlalo yeshashalazi bayawubona umehluko ngoba abafundi bakhombisa ukukhuthazeka nomdlandla.

UNgema uthe uzoqala umjikelezo KwaZulu-Natal, adlulele eGoli bese eyivala e-Eastern Cape.

Uthe konke sekumi ngomumo ngomjikelezo wokuqala awuhlelela ube seBat Centre eThekwini kusukela ngomhla Ka 30 kule nyanga kuze kushaye umhla Ka 7 kwezayo.

Kuzosukwa lapho kuqondwe Estcourt Town Hall ngomhlaka 13 kusongwe ngomhla Ka 14.

EShowe bazohambela khona eSunnydale Hall ngomhla Ka 16 bese kuthi oLundi bazotheleka kusukela ngomhla Ka 18 kuya kumhlaka Ka 20 e-A Hall.

KwaNongoma eMultipurpose Community Hall bazohlala usuku olulodwa mhla Ka 21 bese bedlulela eNquthu eVA Makhoba Hall kusukela mhlaka 24 kuya kumhlaka 25.

Bazoyivala eNewcastle mhlaka 26 kuya kumhlaka 27.

UNgema, osegudle iminyaka engu 25 endimeni kaqedisizungu njengoba eseke wabonakala nasemidlalweni kamabonakude kuZalo nakwiMbewu: The Seed, uthe kuyabathokozisa ukuthola izincomo kothisha bethi umehluko uyabonakala ngemiphumela emihle etholwa abafundi ngemuva kokuba ingxenye yale midlalo yeshashalazi.

Uthe bazishaya isifuba ngokuthi sebebuyisele kaningi emphakathini ngokuvundulula ikhono kubafundi iningi labo eliba ingxenye yemidlalo yeshashalazi ezungeza izikole.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...