Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Bekuvalwe ngomuntu emnyango kubungazwa uNcami

Bekuvalwe ngomuntu emnyango kubungazwa uNcami

by | 16 November 2025

BEKUVALWE ngomuntu emnyango endaweni yokujuxuza kwaMax’s Lifestyle eMlazi abalandeli benkundla yokuxhumana iTikTok bebungaza omunye wabathadwa kakhulu kule nkundla uNcamisile Mwandla.

UNcami njengoba linqanyulelwa kanjalo igama lakhe ungundabamlonyeni kule nkundla yakwaTikTok ngenxa yendlela aphila ngayo futhi apheka ngayo.

Abantu abaningi bayakuthokozela ukubona impilo kaNcami kule nkundla njengoba engumuntu okhululekile futhi ongenamahloni ngempilo yakhe yokuzithandela ukupheka ukudla ngendlela ehlukile kunabanye.

NgoMgqibelo izinkumbi zabalandeli bakaNcami kule nkundla babuthane kwaMax ukuzogubha usuku lwakhe lokzalwa. Ubusiswe ngezipho ezahlukene okubalwa igilosa, izimpahla zokugqoka, izinwele, isitofu amabhakede nokunye okuningi.

Usuku lwale ntokazi esematheni kule nkundla luqale ngoLwesihlanu lapho ilaliswe khona ehhotela lomtakabani iPremier Hotel eMhlanga.

KwaMax izinkumbi zabalandeli bakaNcami batheleke begqoke ngesitayela sakhe sokugqoka baphinde bathola nokujatshuliswa ngabaculi noDJ abahlukene. UDJ Boonu ungomunye woDJ abajabulise abantu eqhulula izingoma ezijatshulelwe kakhulu.

Ushiyelane inkundla nama-Qwabe Twins, Sizwe Mdlalose, My Dululu, Maka Gucci nabanye abaningi.

UNcami okuvele ukuthi akasebenzi uziphilise ngezindlela ezahlukene uzibongele ngothando olukhonjiswe ngabantu ngendlela abamjabulise ngayo bebungaza usuku lwakhe lokuzalwa.

Uthe ubafisela impumelelo bonke ababe yingxenye yokuhlanganisa umcimbi wakhe obugabe ngosaziwayo bakuyona le nkundla okubalwa

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...