Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UNaledi uphumele obala waxolisa kuGatsheni nangokwenzeke emcimbini

UNaledi uphumele obala waxolisa kuGatsheni nangokwenzeke emcimbini

by | 6 January 2025

UMCULI osemncane osematheni kulezi zinsuku uNaledi Aphiwe uphumele obala waxolisa ngesenzo esenzeke emcimbini kaMthandeni SK iMthandeni Summer Experience obuseMdletsheni ngempelasonto.

Le ntokazi kule mpelasonto iphume ngesamagundane esiteji ngemuva kokuphazamisa umculi kamaskandi uGatsheni esacula.

Lesi sigameko saholela ekutheni abanye ababekhona kulo mcimbi bajikijela amabhodllela esiteji kwacishe konakala umcimbi omuhle.

Kusukela kwenzeke lesi sigameko ziningi izinkulumo eziqhamukile ngokwenzekile njengoba abanye besole u-stage manager kanti abanye basola le ntokazi nethimba layo ngokuphazamisa uGatsheni.

Exolisa esitatimendeni asikhiphile uNaledi uqale ngokubonga uMthandeni ngokumnika ithuba lokunandisa kulo mcimbi.

“Ngiyakuqonda ukubaluleka kwaleli thuba engilitholile futhi ngiyakwamukela nokwesekwa engikutholile,” kusho lo mculi osemncane.

Uqhube ngokuxolisa kuGatsheni nethimba lakhe.

“Bekungeyona inhloso yami ukumphazamisa noma ukungamhloniphi ikakhulukazi njengoba engomunye wabaculi abanegama futhi abahlonishwayo emphakathini,” kusho yena.

Uthe uyaliqonda iphutha lakhe futhi nakwenzile bekukhombisa indelelo.

“Ngakho kusuka ekujuleni kwami ukuthi ngixolise ngendlela engiziphathe ngayo. Ngizothatha izikhathi ngizinuke amakhwapha futhi ngizithuthukise ngokuqonda indlela yokuziphatha kuya phambili,” kusho le ntokazi.

Iqhube ngokuthi iyakuqonda ukuthi indlela eya empumelelweni ayigcini ngokuba nethalente kuphela kodwa kudinga nokukhula ngomqondo, inhlonipho nokukwazi ukusebenzisana nabanye.

Uphinde waxolisa nakubona bonke abathintekile ngendlela aziphathe ngayo wathembisa ukwenza kangcono ngokuzayo.

UGatsheni naye uphumele obala walamukela uxolo lwale ntokazi. Ube eseyifisela okuhle konke endimeni yomculo ngapambi kokuyifisela inhlanhla nakwimphumela kamatikuletsheni kwazise uNaledi ubenza leli banga ngonyaka owedlule.

Kulindeleke ukuthi iphume ngomhla ka-14 kwephezulu imiphumela yaleli banga

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...