Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UNaledi uphumele obala waxolisa kuGatsheni nangokwenzeke emcimbini

UNaledi uphumele obala waxolisa kuGatsheni nangokwenzeke emcimbini

by | 6 January 2025

UMCULI osemncane osematheni kulezi zinsuku uNaledi Aphiwe uphumele obala waxolisa ngesenzo esenzeke emcimbini kaMthandeni SK iMthandeni Summer Experience obuseMdletsheni ngempelasonto.

Le ntokazi kule mpelasonto iphume ngesamagundane esiteji ngemuva kokuphazamisa umculi kamaskandi uGatsheni esacula.

Lesi sigameko saholela ekutheni abanye ababekhona kulo mcimbi bajikijela amabhodllela esiteji kwacishe konakala umcimbi omuhle.

Kusukela kwenzeke lesi sigameko ziningi izinkulumo eziqhamukile ngokwenzekile njengoba abanye besole u-stage manager kanti abanye basola le ntokazi nethimba layo ngokuphazamisa uGatsheni.

Exolisa esitatimendeni asikhiphile uNaledi uqale ngokubonga uMthandeni ngokumnika ithuba lokunandisa kulo mcimbi.

“Ngiyakuqonda ukubaluleka kwaleli thuba engilitholile futhi ngiyakwamukela nokwesekwa engikutholile,” kusho lo mculi osemncane.

Uqhube ngokuxolisa kuGatsheni nethimba lakhe.

“Bekungeyona inhloso yami ukumphazamisa noma ukungamhloniphi ikakhulukazi njengoba engomunye wabaculi abanegama futhi abahlonishwayo emphakathini,” kusho yena.

Uthe uyaliqonda iphutha lakhe futhi nakwenzile bekukhombisa indelelo.

“Ngakho kusuka ekujuleni kwami ukuthi ngixolise ngendlela engiziphathe ngayo. Ngizothatha izikhathi ngizinuke amakhwapha futhi ngizithuthukise ngokuqonda indlela yokuziphatha kuya phambili,” kusho le ntokazi.

Iqhube ngokuthi iyakuqonda ukuthi indlela eya empumelelweni ayigcini ngokuba nethalente kuphela kodwa kudinga nokukhula ngomqondo, inhlonipho nokukwazi ukusebenzisana nabanye.

Uphinde waxolisa nakubona bonke abathintekile ngendlela aziphathe ngayo wathembisa ukwenza kangcono ngokuzayo.

UGatsheni naye uphumele obala walamukela uxolo lwale ntokazi. Ube eseyifisela okuhle konke endimeni yomculo ngapambi kokuyifisela inhlanhla nakwimphumela kamatikuletsheni kwazise uNaledi ubenza leli banga ngonyaka owedlule.

Kulindeleke ukuthi iphume ngomhla ka-14 kwephezulu imiphumela yaleli banga

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...