
SIKHOMBISA ukukhula isikole sokuchibiyela izifundo zikamatikuletsheni esizinze esikhungweni semfundo ephakeme iDurban University of Technology e-ML Sultan eThekwini esibizwa ngokuthi iKwaZulu Natal Matric Excellence.
Lesi sikhungo esiholwa nguNkz Buhlebemvelo Langa sesiqala ukusabalala njengoba izinhlelo sezisemome zokuthi sitholakale nakwezinye izifundazwe okubalwa kuzo iGauteng naseMpumalanga kanti nalapha KwaZulu Natal zikhona izindawo asebehlele ukuvula amagatsha amasha aso okuyiseMgungundlovu nasePort Shepstone.
Lesi sikole sigxile ekusizeni abafundi bachibiyele izifundo zabo zikamatikuletsheni njengoba sidlala indima ukubasiza bakwazi ukubathuthukisa ikakhulukazi ezifundweni okubalwa kuzo i-Accounting, Life Science, Maths, Maths Lit, Economics, English, Geography, Agriculture, Business Studies nezinye.
Ngeledlule uNkz Langa uklomelise abafundi bakhe abenza kahle nalabo asebekulingele ukubhala izivivinyo zabo kabusha zikamatikuletsheni abangaphezulu kuka-100.
“Abafundi bethu sebekulungele ukubhala kabusha izifundo zabo yingakho besenze umcimbi wokubabonga sibafisele okuhle kodwa uma sebebhala,” kusho uNkz Langa.
Uthe kuyamthokozisa ukubambisana okuhle phakathi kwakhe, abafundi nabazali ngenhloso yokuthuthukisa imiphumela.
Uqhube ngokuthi izinhlelo zokuthi lesi sikole sokuthuthukisa imiphumela sitholakale kwezinye izifundazwe zikhona njengoba ngeledlule ebambe imihlangano nezikhungo ezizimisele ukusebenzisana naye.
Isikole iMatric Excellence sibalwa nezinye ezihamba phambili ukusiza abafundi abangagculisekanga ngemiphumela yabo kamatikuletsheni ngenhloso yokuthi bayithuthukise imiphumela yabo bese benza kangcono uma benesifiso sokuphinda babhale izivivinyo zabo.
Lesi sikole sekuneminyaka sikhona njengoba siqhubeka nokukhombisa ukukhula.
Ngaphandle kwalesi sikhungo uNkz Langa uveze ukuthi unohlelo lokuhambela omasipala eqwashisa abafundi ngemikhakha ekhona nangezikhungo abangafundela khona le mikhakha abafisa ukungena kuyona.
Uthe lolu hlelo ulenza ngokubambisana nomasipala abazimisele ukuthuthukisa abafundi babo.
“Siyabanxenxa omasipala neminyango kahulumeni ukuba babambisane nathi kulolu hlelo njengoba ludlala indima emqoka ukusiza abafundi bazi ngemikhakha ekhona futhi bathole nokucaciseleka ngemikhakha abafisa ukungena kuyona,” esho.
Uphinde waveza ukuthi uzivulile izandla zokuthi lesi sikole asivule nasezindaweni ezakhele namadolobha asemakhaya.
“Baningi abafundi abasezindaweni zasemakhaya abaphumelelanga ngendlela abafisa ngayo ngakho uma siyafisa ukuthi sibe nayo indlela yokuthi sisisondeze lesi sikole sibafundise abafundi ukuze bakwazi ukuthuthukisa imiphumela yabo,” kusho uNkz Langa eveza ukuthi usebenzisana nothisha abamnkantshubomvu nongoti bezifundo ukufundisa izingane.







