Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ukulimala kwacisha iphupho lombhoxo kwavula elokulingisa kowaseKZN

Ukulimala kwacisha iphupho lombhoxo kwavula elokulingisa kowaseKZN

by | 8 November 2024

LUCKY CAIN

KWAVALEKA umnyango kwavuleka omunye  kumlingisi osezakhele igama emidlalweni kamabonakude, uTyson Mathonsi (osesithombeni) waseJ2, eSikhaleni, eMpangeni, owalimala kanzima, kwashabalala iphupho lokuba ngumdlali wombhoxo odumile, kwavuka elokulingisa.

UTyson – owaziwa ngokudlala indawo kaJabu emdlalweni owuchungechunge iSibongile and The Dlaminis – usezobonakala emdlalweni othi “Umjolo: The Gone Girl”, ozokhonjiswa esiteshini se-internet, iNetflix, kusukela namuhla ngoLwesihlanu. Uthe uzobe edlala indawo kaLucky, ongowesilisa onothando kodwa obhekene nezingqinamba zomjolo. 

Uveze ukuthi kumkhulisile ukulingisa kwiSibongile  And The Dlaminis. 

Uthe walimala esefunda amabanga aphakeme eSt Charles College, eMgungundlovu – lapho ayefunda khona ngomfundaze wombhoxo. “Ngenhlanhla kangixoshwanga esikoleni ngenxa yokuthi ngangikhaliphile, umfundaze wami waqhubeka ngaze ngaphothula u-matric,” esho. 

Uthe ngemuva kwalokho, wenza izifundo zokulingisa e-AACA, eGoli. “Izinto zami zingihambela manje kahle njengoba ngibuye ngibe ngumculi ngaphansi kweqembu iThe Incredibles,” kusho yena. Leli qembu likhiphe ingoma ethi, “Sesfikile”, namhlanje ngoLwesihlanu.

Ezisematheni

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

OBEHAMBA phambili ekhankasela i-ANC, uChwaite Songca osejoyine i-IFP, uthi kuqala ngaleli qembu ukuthi kuxhaswe umcimbi wakhe iSouth Beach Young Stars Tornament ahlose ngayo ukusiza intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni. UChwaite ukusho lokhu njengoba...

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

UKUVUTHWA nokubekezelelana kwipolitiki uthe yikhona okuzodala uzinzo uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamnsanqa Ntuli ngesikhathi ehlangene namaqembu epolitiki ehlukene nabengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), e-Archie Gumede Conference Centre,...

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

UNGQONGQOSHE wezeMfundo, KwaZulu-NataL, uMnu Sipho Hlomuka, uthi imumi emphinjeni idaba yokuhlukunyezwa kwabafundi ezikoleni zesifundazwe. Isigameko sakamuva, senzeke esikoleni iBukimvelo High School, eZibayeni, eHluhluwe, esifundeni uMkhanyakude. Abafundi bakaGrade...