
OBEHAMBA phambili ekhankasela i-ANC, uChwaite Songca osejoyine i-IFP, uthi kuqala ngaleli qembu ukuthi kuxhaswe umcimbi wakhe iSouth Beach Young Stars Tornament ahlose ngayo ukusiza intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni.
UChwaite ukusho lokhu njengoba bekunesithangami sabezindaba ebesibizwe nguSihlalo we-IFP eThekwini ogaqele esokuba yiSekela leMeya yaleli dolobha, uMnu Sizwe “Mavava” Sikhakhane eDurban Manor Hotel, ngoLwesibili.

Kulesi sithangami bekuzokwethulwa izinhlelo zoSouth Beach Young Stars Tournament ezoba ngeSonto mhlaka 27 kuMandulo.
UChwaite uthe sekuphele iminyaka engu-10 enalo mcimbi ezama ukuthola uxhaso kwi-ANC kodwa ayikaze imsize ngalutho.
“Akekho obengazi ukuthi bengiyithanda kangakanani i-ANC kodwa ingiphoxile. Nginenqwaba yezicelo ebengilokhu ngizithumela kuyona ngicela uxhaso ngalo mncintiswano kodwa akekho obengena indaba yami. Iphelile iminyaka engu-10 manje ngizama ukucela uxhaso kodwa lutho ukuluthola. Kumanje ngikweleta izinto ebengizithembisa abawinile ngoba bengisuke ngiwenza lo mqhudelwano ngingenamali. Kwi-IFP ngikhulume kanye yangiphendula maqede yawuxhasa umcimbi. Kumanje nginesiqiniseko sokuthi sokuthi abazowina kuwona bazohamba nakho abakuwinile njengoba i-IFP izikhulumele yona iveza izinto ezizowinwa. Angazi ngingabonga ngithini kwi-IFP. Ingakho ngingacabanganga kaningi ukuyijoyina,” esho.
UMavava uqinisekise abantu ukuthi abazowina kulo mqhudelwano bazohamba bekuphethe abazobe bekuwinile.
“Ngaphandle kokuthi umqhudelwano webhola, kungenye yezindlela zokuhlanganisa abantu nokubumbana. Abantu bazohamba bekuphethe abazokuwina ngosuku lomdlalo. Ngalo mdlalo sihlose ukuhlanganisa abantu baseThekwini futhi uma kunemibono ekhona ningasinika yona ukuthi singabathuthukisa kanjani abantu bakithi,” esho.
tndlovu@ilanganews.co.za







