Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UBabes Wodumo ukhala ngokuxhashazwa kwegama likaMampintsha

UBabes Wodumo ukhala ngokuxhashazwa kwegama likaMampintsha

by | 19 June 2025

UBABES Wodumo ukhala ngokuxhashazwa kwegama lomyeni wakhe uMampitsha kwenziwa imicimbi yokumhlonipha kepha engazange atshelwe lutho. Uthi ubephezu kwezinhlelo zokwenza umcimbi wokumhlonipha, kepha manje wonke umuntu usefuna ukuwenza engazange axhumane naye.

Ebhala ekhasini lakhe lezokuxhumana uthe ngosuku okwafihlwa ngalo uMampintsha kwaba nemicimbi eyahlukene okwakungenwa kuyo ngemali kepha ingane yakhe uSponge yangathola ngisho isenti.

“Ngeke ngibalule gama lamuntu kodwa amaciko adla wodwa uSponge akaze athole ngisho uR10. Kunalokho ngathola izingcingo kwabezinsimbi bethi abakhokheliwe, batshelwe ukuthi kuzokhokha mina,” kuchaza yena. Uthi okubuhlungu wukuthi wayeshonelwe kepha amaciko enza izikweletu ngegama lakhe.


Uthi ukhathele ukufonelana nabantu ebatshela ukuthi bayeke lo mkhuba futhi uyazi ukuthi kukhona abazothi ukhonondelani ngoba wumcimbi nje akukho okutheni.
“Imali iya kubani?”, kubuza uBabes Wodumo.

Ucele uDJ Tira ukuba angenelele ngoba ithimba lakhe elenza imicimbi yokuhlonipha uMampintsha lingaxhumananga naye.
Eziphendulela uTira kulo mbhalo uthe: “Ngaphinde ngagaxela futhi. Mina njalo angazi lutho ngalento.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...