Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UBabes Wodumo ukhala ngokuxhashazwa kwegama likaMampintsha

UBabes Wodumo ukhala ngokuxhashazwa kwegama likaMampintsha

by | 19 June 2025

UBABES Wodumo ukhala ngokuxhashazwa kwegama lomyeni wakhe uMampitsha kwenziwa imicimbi yokumhlonipha kepha engazange atshelwe lutho. Uthi ubephezu kwezinhlelo zokwenza umcimbi wokumhlonipha, kepha manje wonke umuntu usefuna ukuwenza engazange axhumane naye.

Ebhala ekhasini lakhe lezokuxhumana uthe ngosuku okwafihlwa ngalo uMampintsha kwaba nemicimbi eyahlukene okwakungenwa kuyo ngemali kepha ingane yakhe uSponge yangathola ngisho isenti.

“Ngeke ngibalule gama lamuntu kodwa amaciko adla wodwa uSponge akaze athole ngisho uR10. Kunalokho ngathola izingcingo kwabezinsimbi bethi abakhokheliwe, batshelwe ukuthi kuzokhokha mina,” kuchaza yena. Uthi okubuhlungu wukuthi wayeshonelwe kepha amaciko enza izikweletu ngegama lakhe.


Uthi ukhathele ukufonelana nabantu ebatshela ukuthi bayeke lo mkhuba futhi uyazi ukuthi kukhona abazothi ukhonondelani ngoba wumcimbi nje akukho okutheni.
“Imali iya kubani?”, kubuza uBabes Wodumo.

Ucele uDJ Tira ukuba angenelele ngoba ithimba lakhe elenza imicimbi yokuhlonipha uMampintsha lingaxhumananga naye.
Eziphendulela uTira kulo mbhalo uthe: “Ngaphinde ngagaxela futhi. Mina njalo angazi lutho ngalento.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...