
UKUVUTHWA nokubekezelelana kwipolitiki uthe yikhona okuzodala uzinzo uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamnsanqa Ntuli ngesikhathi ehlangene namaqembu epolitiki ehlukene nabengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), e-Archie Gumede Conference Centre, eMayvile ngoLwesibili.
Undunankulu obehola lo mhlangano, uthe ukubakhona kwawo kubalulekile njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya ukuze amaqembu azozibophezela ngokhetho olunokuthula.
Kumaqembu epolitiki angu-14 abe yingxenye yalo mhlangano, undunankulu ukuqinisekisile ukuthi uyalubona uzinzo nakuba zikhona izigameko ezimbalwa zokubulawa kwabantu ezihlobene nodlame lwepolitiki.
“Njengamanje bangu-9 abantu okusolakala ukuthi bashone ngodlame oluhlobene nepolitiki. Amaphoyisa asaphenya futhi azofika esiphethweni salo uphenyo. I-IEC nayo isivezelile izinhlelo zayo yakuqinisekisa ukuthi konke sekumi ngomumo ngokhetho oluzayo. Sinxusa abantu ukuthi bangasetshenziswa abantu abafuna ukufeza izinhloso ezithile ukuze kuphazamiseke ukhetho,” esho.
Uthe lezi zigameko zabantu abangu-9 ababulewe baziveze kulo mhlangano ngoba lukhona ulwazi lokuthi zihlobene nokubulawa kwabantu ngenxa yepolitiki. UNtuli ugcizelele ukuthi abaholi kumaqembu epolitiki bakhuthaze amalungu kumaqembu abo ukuthi aziphathe kahle futhi akhombise ukukhula kwezombangazwe.
Uthe emva kweminyaka engaphezu kuka-30 izwe lakhululeka ngeke bazivumele izigameko ezidalwa ukungabekezelelani. Uthe lokhu kumele kuthathwe njengobugebengu futhi amaphoyisa ngeke akubekezelele ukuphulwa komthetho. Uqhube wathi uhulumeni wesifundazwe usebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi kube nokhetho olunokuthula futhi kungasatshiswa abantu ukufeza izinhloso ezithile noma kusetshenziswe indluzula.
Ngokuba kulo mhlangano uthe bagwema zonke izinkinga ezingabakhona ngesikhathi sokhetho.







