
UNGQONGQOSHE wezeMfundo, KwaZulu-NataL, uMnu Sipho Hlomuka, uthi imumi emphinjeni idaba yokuhlukunyezwa kwabafundi ezikoleni zesifundazwe.
Isigameko sakamuva, senzeke esikoleni iBukimvelo High School, eZibayeni, eHluhluwe, esifundeni uMkhanyakude. Abafundi bakaGrade 12, bebephuma esikoleni, sebeya emakhaya, kwavele kwaqhamuka umlisa ovulele ngenhlavu, ebhekise equlwini labafundi, abebehamba emgwaqeni.
Kulesi sigameko, kulimale kanzima abafundi, okunguKhetha Mthethwa, uThandolwethu Hadebe, noS’bahle Mahlaba.
“Laba bafundi ayikho ebeyenzile, kuyakhathaza ukuthi izingane zilethelwe ukuyofunda ezikoleni, zijike ziphenduke izisulu zezimpi ezingahlangene nazo.
“Uma siqinisa ukuphepha ezikoleni, abafundi badutshulwa sebephumile emagcekeni esikole. Iyasikhathaza lento,” kusho uNgqongqoshe uHlomuka.
Kulaba bafundi abalimele, oyedwa ulimale kanzima engalweni, ngoba yephukile, abanye badubuleka emilenzeni. Umuntu odubule laba bafundi, usagcwele amathafa, kanti icala livuliwe esiteshini samaphoyisa saseZibayeni.
Kwesinye isigameko esenzeke eNanda Comprehensive High School, kudutshulwe kwabulawa unogada, ngesikhathi kufika abebezobamba inkunzi behlomile, ngoMsombuluko.
USg. Thenjiswa Ngcobo, okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uthi kuvulwe icala lokubulawa kwendoda eneminyaka engu 44, eNanda, kanti abekho abantu asebeboshiwe ngalokhu.
menzi.jele@ilanganews.co.za.







