Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Wenza ezibukwayo uZee Nxumalo kuma-piano

Wenza ezibukwayo uZee Nxumalo kuma-piano

by | 4 December 2024

THANDI ZONDI
INTOKAZI esizakhele udumo emculweni wama-piano uZee Nxumalo (21) ikhuthaza abafisa ukungena endimeni yezomculo ukuba bangangeni ngenxa yokufuna udumo.

“Mawungakadumi zakhe wena kuqala nabalandeli bakho. Akukho lula kodwa kubalulekile ukwakha, ukuze mhlazane izinto seziqala ukukhanya ube usuvele unabalandeli bakho okuzothi uma kuphuma ingoma bagibele phezu kwayo. Kumele ube nothando lwento oyenzayo,” kuchaza uZandile owaziwa ngelika Zee ozakhele udumo ngengoma esihloko sithi Funk 55, Shayimoto, Thula Mabota nezinye.

UZee usanda kukhipha i-EP ebizwa ngeNja yeGame enezingoma eziwu 10 athi isihloko sayo sichaza ngokusobalala ukuthi akayi ndawo. “Kumnandi kakhulu kulo mkhakha. Selokhu kwathi nhlo ngizibuka njengomuntu oyinja ye-game. Yebo zikhona izinselelo ezikhona kepha ezedlulayo. Kumina into engiyithole inzima wukuthola umuntu ongiqondayo ukuthi ngingubani.

Manje senginethimba elenza yonkinto ngoba ngisho i-videographer ngifisa ingishuthe ngendlela ethile, yingakho kubalulekile ukuba nabantu abakuqondayo,” kusho uZee oseke wasebenza noDJ Tira, uGoldmax, uDlala Thukzin, uDBN Gogo,uShakes & Les, Bandros, uZulu Makhathini, u-Azana noMlindo The Vocalist.

Uthi akukho angakukhomba athi kumenzele impumelelo ngaphandle kokuthi azimisele. “Ukuzinikela emsebenzini, ngihlezi ngikhona estudiyo nokumaketha umsebenzi yikho okwenza izinto zibe lula. Izingoma ezishisayo ngeke zihlezi zikhona kodwa uma unabalandeli abathembekile kuwena bese uvumela ithalente lenze umsebenzi walo,” esho.


Nakuba konke kuyihambela kahle le ntokazi ithi ukuba kulo mkhakha kuyagqilaza, kubalulekile ukuphumula uma kuvela isikhathi. “Muva nje bekade ngiseNamibia, ngezwa nginokukhathala ngisindwa nayizandla, yize kunjalo besingekho isikhathi sokuphumula. Sengivele ngazitshela ukuthi ngiyophumua makuqala unyaka.”
Njengamanje uthi iziningi izinto aphezu kwazo zokusebenza nama-brands phakathi kwawo ubala isitolo sokudla iMcDonald, isitolo sezimpahla zokugqoka sakwaPuma futhi uzokwenza neculo lopopayi uSopngebob ngolimi lwesiZulu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...