Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

by | 16 January 2025

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel’umthakathi.

UPhakel’umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu kaZulu. Usho lokhu kulandela ukubakhona kukaDkt. Mkhize emcimbini woMkhosi woSelwa obubanjelwe esigodlweni saseMashobeni, kwaNongoma, ngoLwesithathu.

Kwi-video ayifakile kule nkundla, kubonakala uDkt. Mkhize eme phakathi kweNkosi yesizwe sakwaButhelezi, uZuzifa noMntwana uVanana.

Kuzokhumbuleka futhi ukuthi uDkt. Mkhize kakujwayelekile ukuthi kube nomcimbi waseNdlunkulu osuke uhanjelwe yisizwe angabikhona.

Uphinde aziwe nangokuhambela imicimbi eyahlukene esuke yenziwe amakhosi ezizweni zawo.

UPhakel’umthakathi uthe:

“Tshelani uBaba Zweli Mkhize ukuthi akayeke ukugaqela izikhundla zaseNdlunkulu ngoba asikho ayoke asithole uyoze ahambe emhlabeni. Izinto zinabanikazi bazo,”kusho yena.

Lokhu kakwehlanga kahle kwabanye babalandeli bakhe njengoba bethe uDkt.

Mkhize ujwayele ukuba yingxenye yemikhosi yaseNdlunkulu nemicimbi yakhona ehlukene kakukho okuhlukile ngokubonakala kwakhe kulo mcimbi.

Omunye wabalandeli bakhe uze waveza ukuthi uDkt. Mkhize uyilungu lekomiti elibhekelele ukusebenza koMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu ngakho-ke kakukho okungajwayelekile ngokuba yingxenye kwakhe kulo mcimbi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...