Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 ULimit udalula imfihlo ngemincintiswano

ULimit udalula imfihlo ngemincintiswano

by | 27 March 2025

WESABA ukuphoxa abalandeli bakhe umculi kamasikandi oqengqeleza phambili ngamavoti emncintiswaneni iMother of All, onesiteki esiconselwa amathe womaskandi.


ULimit Nala wakwaNxamalala eNkandla, ohamba phambili kakhulu ngamavoti, uthi ukwesaba kwakhe ukuphoxa abalandeli bakhe yikho okumenza angabi nawo umdlandla wokungenela imincintiswano yamaciko kamaskandi
Usho kanjena nje wenza ezibukwayo nengamanje ngamavoti omncintiswano weMother of ALL selokhu uqalile.


Utshele leli phephandaba ukuthi uyahluleka ukumelana nengcindezi yomncintiswano, yingakho engakukhuthalele ukukhankasa nakulona ahamba phambili kuwona ngamavoti. Uthi ukunyuka kwakhe ngamalengiso ngesibalo samavoti kungenxa yokuthi ukuqokwa kwakhe kulo mncintiswano kusuka othandweni lwabantu, akazange akukhankasele.


“Ngihleli kulo mncintiswano ngoba kuyisifiso sabantu, kodwa ngokwami angithandi ukuncintisana namaciko ngoba kuyangihlula ukukhuluma. Ukungena emdlalweni wezinsizwa kufuna umuntu okwaziyo ukuzikhulumela. Ngisaba nokuthi uma ngingasanqobi isicoco, bazophoxeka abantu abangilandelayo. Ngiyakusaba kakhulu ukuphoxa abantu ngoba laba ebekade bekholelwa kumina, nabo bengehlelwa wumdlandla wokweseka ikhono lami uma sengihluliwe emncintiswaneni,” kusho uLimit.


Utshele ILANGA ukuthi akakhankasi kakhulu futhi nabalandeli bakhe bayasiqonda isimo sakhe. Ukuvotelwa kwabaculi kuzovalwa mhlaka-3 kuMbasa (April) kanti umcimbi omkhulu wokumenyezelwa komculi onqobile, uzokuba mhlaka-5 kuMbasa (April) ePeople’s Park, eMoses Mabhida, eThekwini. Umculi ozodla umhlanganiso uzohlomula imoto iToyota Quantum. Nyakenye kulo mncintiswano kwanqoba uGatsheni.


Amathikithi okubukela lo mcimbi aseyatholakala eShoprite, Checkers, Computickets naseTickets Pro ngo-R150. Kuboshelwe abaculi okubalwa kubona uShwi, uSomnandi, uKhuzani, uBuselaphi, Mfiliseni Magubane, uMayoghurt, Ali Mgube nabanye. Uma uvotela umculi omthandayo kulolu hlu olungezansi, uthumela i-sms enohlamvu oluseceleni kwegama lomculi kule nombolo: 35615

Uhlu lwakamuva lamavoti abaculi lumi kanjena:

  1. Limit (AN)- 96532
  2. Menzi (AL)-59614
  3. Solwazi (BO)-22618
  4. Amawele kaMaMtshawe (AH)-10872
  5. iNkosi Yamagcokama (AO)- 9865
  6. Zinjaziyamluma (AA)- 8700
  7. Lagxabha (AK)-7245
  8. Amankonyane (AC)-6989
  9. Sminofu (AM)-6635
  10. Qalindaba (BT)-5475
  11. Amavikelambuso (BR)-5251
  12. Dumakahle (AS)- 5242
  13. Mfezemnyama (AR)-4300
  14. DSD (BJ)- 4221
  15. Omhlabuhlangene (BI)-3974
    16.Thandazani (AZ)-3875
  16. Muhle Zondo (AG)-3875
  17. Qhosha (BC)-3497
  18. Abafana bakaMgqumeni (BF)-3485
  19. Bhasini Lamula (AD)-3402
  20. Cevuzile (BM)-3339
  21. Maganga (BS)-3277
  22. Gadla (BW)-3209
  23. Amageza Amahle (BD)-3113
  24. Bahubhe (AU)-2686
  25. Ezechalaha (AE)-2140
  26. Falabo (BA)-2077
  27. Mkhulekelwa (AY)-1965
  28. Khaza (BX)-1958
  29. Skweletu (AW)-1915.

Ezisematheni

Amaqembu azibophezele okhethweni olukhululekile

Amaqembu azibophezele okhethweni olukhululekile

AMAQEMBU angenele ukhetho loHulumeni baseKhaya, olungomhla ka-4 kuLwezi (November), asayine imigomo yokuzibophezela ekutheni azokwenza ukhetho lube ngolukhululekile, futhi lungabi nazihibe. Abesayina eMidrand, eGauteng, namuhla ngoLwesithathu. USihlalo we-Electoral...

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

KUBULAWE owesilisa efaniswe nomuntu okusolwa ukuthi uyena obulala abesifazane abatholwa beshonile eKempton Park, eKurhuleni. Umufi uMnu Vusumuzi Radebe kuthiwa uhlaselwe yiqulu labantu eKurhuleni esolwa ngokuthi ungumbulali wabesifazane njengoba kutholakala izidumbu...

Amaphoyisa aphenye umuzi kaMchunu athatha neselula

Amaphoyisa aphenye umuzi kaMchunu athatha neselula

UPHIKO lwamaphoyisa iProvincial and Crime Unit lugasele emzimi kangqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnu Senzo Mchunu lwayophenya umuzi wakhe okwaZulu-Natal kwathathwa nomakhalekhukhwini. Amaphoyisa kuthiwa afike nencwadi egunyaza ukuthi kuseshwe umuzi wakhe ayinikwe...