
WESABA ukuphoxa abalandeli bakhe umculi kamasikandi oqengqeleza phambili ngamavoti emncintiswaneni iMother of All, onesiteki esiconselwa amathe womaskandi.
ULimit Nala wakwaNxamalala eNkandla, ohamba phambili kakhulu ngamavoti, uthi ukwesaba kwakhe ukuphoxa abalandeli bakhe yikho okumenza angabi nawo umdlandla wokungenela imincintiswano yamaciko kamaskandi
Usho kanjena nje wenza ezibukwayo nengamanje ngamavoti omncintiswano weMother of ALL selokhu uqalile.
Utshele leli phephandaba ukuthi uyahluleka ukumelana nengcindezi yomncintiswano, yingakho engakukhuthalele ukukhankasa nakulona ahamba phambili kuwona ngamavoti. Uthi ukunyuka kwakhe ngamalengiso ngesibalo samavoti kungenxa yokuthi ukuqokwa kwakhe kulo mncintiswano kusuka othandweni lwabantu, akazange akukhankasele.
“Ngihleli kulo mncintiswano ngoba kuyisifiso sabantu, kodwa ngokwami angithandi ukuncintisana namaciko ngoba kuyangihlula ukukhuluma. Ukungena emdlalweni wezinsizwa kufuna umuntu okwaziyo ukuzikhulumela. Ngisaba nokuthi uma ngingasanqobi isicoco, bazophoxeka abantu abangilandelayo. Ngiyakusaba kakhulu ukuphoxa abantu ngoba laba ebekade bekholelwa kumina, nabo bengehlelwa wumdlandla wokweseka ikhono lami uma sengihluliwe emncintiswaneni,” kusho uLimit.
Utshele ILANGA ukuthi akakhankasi kakhulu futhi nabalandeli bakhe bayasiqonda isimo sakhe. Ukuvotelwa kwabaculi kuzovalwa mhlaka-3 kuMbasa (April) kanti umcimbi omkhulu wokumenyezelwa komculi onqobile, uzokuba mhlaka-5 kuMbasa (April) ePeople’s Park, eMoses Mabhida, eThekwini. Umculi ozodla umhlanganiso uzohlomula imoto iToyota Quantum. Nyakenye kulo mncintiswano kwanqoba uGatsheni.
Amathikithi okubukela lo mcimbi aseyatholakala eShoprite, Checkers, Computickets naseTickets Pro ngo-R150. Kuboshelwe abaculi okubalwa kubona uShwi, uSomnandi, uKhuzani, uBuselaphi, Mfiliseni Magubane, uMayoghurt, Ali Mgube nabanye. Uma uvotela umculi omthandayo kulolu hlu olungezansi, uthumela i-sms enohlamvu oluseceleni kwegama lomculi kule nombolo: 35615
Uhlu lwakamuva lamavoti abaculi lumi kanjena:
- Limit (AN)- 96532
- Menzi (AL)-59614
- Solwazi (BO)-22618
- Amawele kaMaMtshawe (AH)-10872
- iNkosi Yamagcokama (AO)- 9865
- Zinjaziyamluma (AA)- 8700
- Lagxabha (AK)-7245
- Amankonyane (AC)-6989
- Sminofu (AM)-6635
- Qalindaba (BT)-5475
- Amavikelambuso (BR)-5251
- Dumakahle (AS)- 5242
- Mfezemnyama (AR)-4300
- DSD (BJ)- 4221
- Omhlabuhlangene (BI)-3974
16.Thandazani (AZ)-3875 - Muhle Zondo (AG)-3875
- Qhosha (BC)-3497
- Abafana bakaMgqumeni (BF)-3485
- Bhasini Lamula (AD)-3402
- Cevuzile (BM)-3339
- Maganga (BS)-3277
- Gadla (BW)-3209
- Amageza Amahle (BD)-3113
- Bahubhe (AU)-2686
- Ezechalaha (AE)-2140
- Falabo (BA)-2077
- Mkhulekelwa (AY)-1965
- Khaza (BX)-1958
- Skweletu (AW)-1915.