LUCKY CAIN
UCHAZE imbangi yakhe njengokhanda limtshel’ okwakhe uLiema Pantsie (osesithombeni), odle umhlanganiso ohlelweni lukamabonakude iBig Brother Mzansi Bazozwa, obelukhonjiswa esiteshini esiyisipesheli ubusuku nemini, nakwiMzansi Magic ngeSonto.
Lolu hlelo – oluhlanganisa abantu abangazani, abaqhamuka ezinkalweni ezahlukene zeNingizimu Afrika, lubahlalise endlini eyodwa – lufinyelele emaphethelweni izolo ngeSonto, lapho uLiema egoduke no-R2 million, neminye imiklomelo.

Imbangi enkulu kaLiema kulolu hlelo, bekunguThandeka Tshabalala, agcine esebanga naye lo mklomelo kowamanqamu. Ekhuluma neLANGA uLiema, uthe namanje usazincinza, akakholwa ukuthi usengusozigidi.
“Kangikakholwa, mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi ngizokholwa,” esho.
Uthe akuzange kube lula ukuhlala izinsuku eziwu-71 kule ndlu njengoba kuke kwaba nezikhawu lapho eke wacela khona ukuphuma, kodwa uBig Brother wamenza ukuba asicabangisise isinqumo sakhe. Kule ndlu uLiema ubeyinkukhu nempaka noThandeka, njengoba bebehlala ngokuhilizisana, kangangokuba waze walibeka ngembaba elokuthi uyamzonda (uThandeka).

Ebuzwa ukuthi njengoba sebengaphandle kule ndlu, usazizwa ngendlela efanayo ngoThandeka, uthe bazohloniphana, kodwa akaboni beba nobudlelwano.
“Ngisasho namanje, uThandeka ungukhanda limtshel’ okwakhe, futhi akamazi omunye umuntu, nemizwa yakhe,” kusho uLiema.
Uthe njengoba esenqobile, kuningi abantu abazokulindela kuyena, kanti okuseqhulwini wukuqhubeka nokukhipha umculo. “Ngifuna ukulingisa, ngibe ngumethuli wezinhlelo zikamabonakude nokunye okuningi,” esho.
Uphethe ngokuthi ngeke aphinde alungenele lolu hlelo, noma ithuba lingaziveza.







