Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMahlaba ukhuthaze ukubambisana inhlangano ibusisa abantu ngama-wheelchair

UMahlaba ukhuthaze ukubambisana inhlangano ibusisa abantu ngama-wheelchair

by | 13 August 2025

UKHUTHAZE ukubambisana phakathi kwezinhlangano ezingenzi inzuzo zokusiza umphakathi nohulumeni uDkt Ntuthuko Mahlaba ngesikhathi kunomcimbi wokunikezela ngezihlalo ezinamasondo kumalungu omphakathi azidingayo esifundeni eNewcastle ngaphansi koMkhandlu iMajuba.

Lo mcimbi wokubusisa abantu ngezihlalo ezinamasondo ubusingathwe uDkt Mahlaba onguSihlalo woSihlalo bamaKomidi esiShayamthetho saKwaZulu Natal ngokubambisana nenhlangano engenzi inzuzo i-I Matter Foundation.

UDkt Mahlaba ukuncomile ukubambisana nale nhlangano ngenhloso yokubuyisa isithunzi kubantu baseNewcastle abaludingayo usizo lwaleli zihlalo ezisemqoka empilweni yabo.

Uchaze lo mcimbi njengokungewona nje owokukunika abantu lezi zihlalo kodwa njengowokunikezela ithemba nenkulululeko ebantweni abasebenzisa lezi zihlalo uma befuna ukuzihambela.

“Siyabonga kakhulu kwinhlangano i-I Matter ngalobu budlelwano bokubambisana nesiShayamthetho ngenhloso yokwenza lo mcimbi wenzeke futhi ube impumelelo. Lokhukuhlanganyela kuhambisana ngqo nezinkolelo zikahulumeni zokubambisana nezinhlangano ukwenza ushintsho empilweni zabantu,” esho. UDkt Mahlaba uke waba yingxenye yohlelo lokusiza labo abasezindaweni ezihlala abadala nezintandane ngokubambisana nomkakhe balula isandla ngokuphosa esivivaneni.

Usebenzise iziqu zakhe zobudokotela nomkakhe ngokuzinikela ngokuthi bayobahlolela izifo nokubaxilonga ukuze kusheshe kukubambeke okubahaqile.

ILANGA lithole ukuthi lolu hlelo lokuhambela izikhungo ezihlala abadala nabancane ujwayele ukulenza ngokubambisana nomkakhe ongudokotela naye lapho befika baxilonge labo abangaphilile baphinde babanakekele ngezindlela abadinga ukusizakala ngazo.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...