Ilanga News
Home 9 Featured 9 Libunjwa liseva ngeSibaya Samabhungu

Libunjwa liseva ngeSibaya Samabhungu

by | 22 July 2026

INHLANGANO egqugquzela ukuziphatha kwabesilisa i-uMhlaba uHlangene, isukume nomkhankaso wokukhulisa nokufundisa izinsizwa indlela yokuziphatha emkhankasweni wayo obizwa ngeSibaya Samabhungu.

ILANGA likhuluma noMnu Ntokozo Ndlovu, ongumkhulumeli wale nhlangano, uthi inhloso yalo mkhankaso ogxile kakhulu eMbumbulu, wukuhlanganisa abafana abasakhula, ukuba babe wusizo emphakathini.

“Lona wumkhankaso wokufu- ndisa kabanzi abafana abasakhula  ngokukhetha izifundo, ngosiko- mpilo lwamabutho, olobunsizwa nokuba yindoda nokuthi kumele baziphathe kanjani.
   “Sibafundisa ngokuhlaba imfu- yo, inhlonipho, ukuvunula, ukuhlabelela amahubo, ukugida ijadu, nokunye okubalulekile ngamabu- tho.

“Lokhu sikwenza ngoba kuyi- nselelo yethu njengamabutho ukuba silondoloze, sigcine umla- ndo wamabutho, siqoqe nefa
laKwaZulu ukuze amabutho aselamayo, afice konke lokhu kumiswe ngendlela efanele.

   “Sifuna uma efika (amabutho abelamayo) nawo alusingathe lolu siko loyisemkhulu, alunambithe ngendlela yalo ukuze isizwe saki- thi singalahlekelwa ngamagugu aso, okubumba isizwe sihlangane, sihlonishwe, futhi sethenjwe,” esho.
   Uthi kuyisifiso sabo ukuthi lo mkhankaso ungagcini eMbumbulu kuphela, kepha bavakashele na- kwezinye izindawo nasezikoleni zamabanga aphezulu.

“Sesiwuqalile umkhankaso lapho sizoqoqa bonke abafana abafunda kuwona wonke ama-high school, eMbumbulu, sibahlanganise ndawonye.

“Sizomema izinduna, amakhosi, osomabhizinisi nabadidiyeli ukuba bazosidodisa ngezihloko ezahlukene, ngobunsizwa, ngokuba sebuthweni nokuba yindoda nje uqobo.

“Okunye okubalulekile wukuthi laba bafana kumele sibeluleke ngokukhetha izifundo esikoleni nasezikhungweni zemfundo ephakeme,” kusho uNdlovu.
   Le nhlangano yamabutho muva nje ibihlanganise izinsizwa eSobonakhona Community Hall, eMbu- mbulu.

Phakathi kwezinto abahlose ukuzizuza:

– Wukuthola izindlela ezinga- qhakambisa ubuciko entsheni.

– Wukuthola izindlela zokuvuselelwa kwezingoma zomdabu.

– Wukuzama ukuvuselela ubuntu ngokusebenzisa ubuciko nendabuko yethu.

– Wukuveza ukubaluleka komsebenzi obhaliwe nomlando.

– Wukuveza izizathu zokulondo- loza umlando wethu, ngamahubo nejadu.

– Wukuveza ukubaluleka kokuthi siziqophele umlando wethu.

– Wukuzinika ithuba eliyimvelakancane lokuthuthukisa ulwazi lwethu.

– Wukuthola ukuthi ubuciko namasiko kungabahlanganisa kanjani abantu abasha.

– Wukusetshenziswa nokukhuthaza izindlela zobuciko ezifana nokubhala, izibongo, imidlalo

yeshashalazi nezingoma.

Ezisematheni

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...