Ilanga News
Home 9 Featured 9 Libunjwa liseva ngeSibaya Samabhungu

Libunjwa liseva ngeSibaya Samabhungu

by | 22 July 2026

INHLANGANO egqugquzela ukuziphatha kwabesilisa i-uMhlaba uHlangene, isukume nomkhankaso wokukhulisa nokufundisa izinsizwa indlela yokuziphatha emkhankasweni wayo obizwa ngeSibaya Samabhungu.

ILANGA likhuluma noMnu Ntokozo Ndlovu, ongumkhulumeli wale nhlangano, uthi inhloso yalo mkhankaso ogxile kakhulu eMbumbulu, wukuhlanganisa abafana abasakhula, ukuba babe wusizo emphakathini.

“Lona wumkhankaso wokufu- ndisa kabanzi abafana abasakhula  ngokukhetha izifundo, ngosiko- mpilo lwamabutho, olobunsizwa nokuba yindoda nokuthi kumele baziphathe kanjani.
   “Sibafundisa ngokuhlaba imfu- yo, inhlonipho, ukuvunula, ukuhlabelela amahubo, ukugida ijadu, nokunye okubalulekile ngamabu- tho.

“Lokhu sikwenza ngoba kuyi- nselelo yethu njengamabutho ukuba silondoloze, sigcine umla- ndo wamabutho, siqoqe nefa
laKwaZulu ukuze amabutho aselamayo, afice konke lokhu kumiswe ngendlela efanele.

   “Sifuna uma efika (amabutho abelamayo) nawo alusingathe lolu siko loyisemkhulu, alunambithe ngendlela yalo ukuze isizwe saki- thi singalahlekelwa ngamagugu aso, okubumba isizwe sihlangane, sihlonishwe, futhi sethenjwe,” esho.
   Uthi kuyisifiso sabo ukuthi lo mkhankaso ungagcini eMbumbulu kuphela, kepha bavakashele na- kwezinye izindawo nasezikoleni zamabanga aphezulu.

“Sesiwuqalile umkhankaso lapho sizoqoqa bonke abafana abafunda kuwona wonke ama-high school, eMbumbulu, sibahlanganise ndawonye.

“Sizomema izinduna, amakhosi, osomabhizinisi nabadidiyeli ukuba bazosidodisa ngezihloko ezahlukene, ngobunsizwa, ngokuba sebuthweni nokuba yindoda nje uqobo.

“Okunye okubalulekile wukuthi laba bafana kumele sibeluleke ngokukhetha izifundo esikoleni nasezikhungweni zemfundo ephakeme,” kusho uNdlovu.
   Le nhlangano yamabutho muva nje ibihlanganise izinsizwa eSobonakhona Community Hall, eMbu- mbulu.

Phakathi kwezinto abahlose ukuzizuza:

– Wukuthola izindlela ezinga- qhakambisa ubuciko entsheni.

– Wukuthola izindlela zokuvuselelwa kwezingoma zomdabu.

– Wukuzama ukuvuselela ubuntu ngokusebenzisa ubuciko nendabuko yethu.

– Wukuveza ukubaluleka komsebenzi obhaliwe nomlando.

– Wukuveza izizathu zokulondo- loza umlando wethu, ngamahubo nejadu.

– Wukuveza ukubaluleka kokuthi siziqophele umlando wethu.

– Wukuzinika ithuba eliyimvelakancane lokuthuthukisa ulwazi lwethu.

– Wukuthola ukuthi ubuciko namasiko kungabahlanganisa kanjani abantu abasha.

– Wukusetshenziswa nokukhuthaza izindlela zobuciko ezifana nokubhala, izibongo, imidlalo

yeshashalazi nezingoma.

Ezisematheni

Ugwetshwe udilikajele owabulala uyise ngomshiza

Ugwetshwe udilikajele owabulala uyise ngomshiza

UGWETSHWE ulikajele owesilisa owabulala uyise ngokumshaya ngomshiza, kulandela ingxabano. INkantolo yesiFunda eHlanganani igwebe uSihle Emmanuel Khambule (37) ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala uyise uMzingelwa Khambule (66). Isigameko senzeke eBulwer, KwaZulu-Natal...

Kuqinisekiswa nokushona kwegidangoma leNkosi Yamagcokama

Kuqinisekiswa nokushona kwegidangoma leNkosi Yamagcokama

KUQINISEKISWE nokudlula emhlabeni kwegidangoma engozini yemoto ebulale umculi kamaskandi ebusuku uScebi Dlamini obedume ngeNkosi Yamagcokama. UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uthi iNkosi Yamagcokama ishonele endaweni yesigameko kule ngozi eyenzeke erobhothini...

Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

NGUMNU Mfanafuthi Kunene esebhokisini. UMMELI wowesilisa obhekene necala lokubulala u-Ayabonga Mjilo, isidumbu sakhe esatholwa sifakwe estamkokweni, ufake isicelo sokuba lichithwe icala ngoba ethi kabukho ubufakazi obukhomba ukuthi ikilayenti lakhe linecala. Lokhu...