
UMENGAMELI we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu Julius Malema uthi uzoyiphinda kabili impesheni yabantu abadala uma benikwa ithuba ngabavoti.
Ubekhuluma kumhlahlandlela wezethembiso zaleli qembe eJL Dube stadium, eNanda ngoMgqibelo.
Uthe njengoba behola u-R2400 wempesheni abadala uma sekuphethe bona izoqala ku-R4 500 eyempesheni.
Uthe alikho ikusasa kwamanye amaqembu epolitiki ngaphandle kwe-EFF.

Uthe abantu abayeke ukuthi bavotela i-ANC ngoba benzela uDkt Nelson Mandela ngoba ngeke esabenzela lutho akasekho emhlabeni. Uqhubeke wagxibha neMKP, athe abantu abasalandela uZuma bazishonisela ilanga ngoba alisekho ikusasa kuyena.
“UZuma usemdala akaselona ikusasa kodwa ikusasa yi-EFF. Kwakhona ukuthi ishintsha abaholi into engapheli kusho khona ukuthi alikho ikusasa kuyona. Ngisho uya ekhaya kukhona umuntu omdala ngeke uthembele kuyena ngoba akaselona ikusasa kodwa ikusasa uwena,” esho.
Uqhube waveza ukuthi kungukuhlambalaza abantu ukuthi uma uya eMnyangweni wezaseKhaya afike abuzwe ukuthi ukhona yini osebenzayo ekhaya noma usenabo yini abazali. Lokho kungukukwehlisa isithunzi uma kuzomele uneke usizi lwakho kubantu. Uthe kumele umnyango kube ulwazi abanalo okungadingeki nokuthi balubuze kuwena.
Ukhale ngokuthi abantu abanikwa iWifi yamahhala ngoba i-ANC ibancisha ulwazi ngoba uma benayo bazokwazi ukuthola yonke into.
Uthe kumele kube neWifi yamahhala yonke indawo.
Uthe i-EFF ibhalise kubo bonke omasipala okungafani nabanye abahlulekile ukubhalisa kwezinye izindawo okusho khona ukuthi inhlangano iyafa.







