Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-ANC KZN ihalalisele ubuholi obusha be-ANC Youth League esifundazweni

I-ANC KZN ihalalisele ubuholi obusha be-ANC Youth League esifundazweni

by | 11 February 2025

I-ANC KwaZulu Natal ihalalisele ubuholi obusha be-ANC Youth League esifundazweni obuqokwe engqungqutheleni yeshumi yalolu phiko ebingempelasonto.

Isitatimende saleli qembu siveze ukuthi le ngqungquthela ibe namandla futhi yahamba kahle kakhulu njengoba ikhumbise ubumbano nokuziphatha kahle kwamalungu alolu phiko.

Sichaze lolu phiko lwabantu abasha kuleli qembu njengelidlala indima emqoka ukuqinisekisa iphimbo labantu abasha ezingqinambeni ababhekene nazo ikakhulukazi ekulweni nokubakhulula kwezomnotho.

Kule ngqungquthela kuqokwe uMnu Ntokozo Ngcobo njengoSihlalo, uNkz Phindile Mdanda njengePhini likaSihlalo, uNkz Lulama Mabude njengoNobhala, uMnu Siyabonga Mzenda njengePhini likaNobhala noMnu Siphelele Masuku njengoMgcinimafa.

UNobhala we-ANC KwaZulu Natal uMnu Bheki Mtolo uthe banxusa lolu phiko ukuba lungapholisi maseko ukubeka izimfuno zabantu abasha phambili.

Uthe ihlandla labo malibe ngelezinto eziphathekayo ezizokwazi ukunikeza abantu abasha umkhombandlela. Uthe njenge-ANC esifundazweni bazibophezele ukubeseka lobu buholi.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...