Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-ANC KZN ihalalisele ubuholi obusha be-ANC Youth League esifundazweni

I-ANC KZN ihalalisele ubuholi obusha be-ANC Youth League esifundazweni

by | 11 February 2025

I-ANC KwaZulu Natal ihalalisele ubuholi obusha be-ANC Youth League esifundazweni obuqokwe engqungqutheleni yeshumi yalolu phiko ebingempelasonto.

Isitatimende saleli qembu siveze ukuthi le ngqungquthela ibe namandla futhi yahamba kahle kakhulu njengoba ikhumbise ubumbano nokuziphatha kahle kwamalungu alolu phiko.

Sichaze lolu phiko lwabantu abasha kuleli qembu njengelidlala indima emqoka ukuqinisekisa iphimbo labantu abasha ezingqinambeni ababhekene nazo ikakhulukazi ekulweni nokubakhulula kwezomnotho.

Kule ngqungquthela kuqokwe uMnu Ntokozo Ngcobo njengoSihlalo, uNkz Phindile Mdanda njengePhini likaSihlalo, uNkz Lulama Mabude njengoNobhala, uMnu Siyabonga Mzenda njengePhini likaNobhala noMnu Siphelele Masuku njengoMgcinimafa.

UNobhala we-ANC KwaZulu Natal uMnu Bheki Mtolo uthe banxusa lolu phiko ukuba lungapholisi maseko ukubeka izimfuno zabantu abasha phambili.

Uthe ihlandla labo malibe ngelezinto eziphathekayo ezizokwazi ukunikeza abantu abasha umkhombandlela. Uthe njenge-ANC esifundazweni bazibophezele ukubeseka lobu buholi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...