Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Injabulo enikelelwa imali obevaleleke e-UAE ngoba ekweleta ibhange lakhona

Injabulo enikelelwa imali obevaleleke e-UAE ngoba ekweleta ibhange lakhona

by | 27 December 2024

UTHI weswele amazwi okubonga owesifazane waseThekwini obevaleleke ezweni lase-United Arab Emirates (UAE), uNkz Bongile Ntombela, ngoba ekweleta ibhange lakhona imali engaphezulu kuka-R120 000.

Le ntokazi yenza i-video egcine isabalala ezinkundleni zokuxhumana, ikhala ngokuvaleleka kuleliya lizwe ngemuva kokuphelelwa wumsebenzi. Kuthe isithi ibuyela eNingizimu Africa, yatshelwa ukuthi ngeke ivunyelwe kuhamba ingayikhokhile imali yaleli bhange.

Namhlanje uNkz Ntombela uveze ukuthi isihlangene u-R120 000 imali eseyinikelwe ngabantu angabazi, ngemuva kokukhala kwakhe, ecela usizo.

“Lesi simo singenze ngakholelwa ekutheni basekhona abantu abanomusa nabakwazi ukusiza umuntu. Ngiswele amazwi okubonga, ngiyathobeka kakhulu bantu baseNingizimu Afrika,” kusho yena.

Uthi yize noma kuqale kwaba nzima kuye ukucela usizo kubantu bakuleli ezinkundleni zokuxhumana, kodwa ukuzehlisa kumsizile ngoba ukube uthulile wangakhuluma, ngabe akakalutholi usizo. Uqinisekisile ukuthi isonto elizayo liyophela esekuleli lizwe.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...