Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Injabulo enikelelwa imali obevaleleke e-UAE ngoba ekweleta ibhange lakhona

Injabulo enikelelwa imali obevaleleke e-UAE ngoba ekweleta ibhange lakhona

by | 27 December 2024

UTHI weswele amazwi okubonga owesifazane waseThekwini obevaleleke ezweni lase-United Arab Emirates (UAE), uNkz Bongile Ntombela, ngoba ekweleta ibhange lakhona imali engaphezulu kuka-R120 000.

Le ntokazi yenza i-video egcine isabalala ezinkundleni zokuxhumana, ikhala ngokuvaleleka kuleliya lizwe ngemuva kokuphelelwa wumsebenzi. Kuthe isithi ibuyela eNingizimu Africa, yatshelwa ukuthi ngeke ivunyelwe kuhamba ingayikhokhile imali yaleli bhange.

Namhlanje uNkz Ntombela uveze ukuthi isihlangene u-R120 000 imali eseyinikelwe ngabantu angabazi, ngemuva kokukhala kwakhe, ecela usizo.

“Lesi simo singenze ngakholelwa ekutheni basekhona abantu abanomusa nabakwazi ukusiza umuntu. Ngiswele amazwi okubonga, ngiyathobeka kakhulu bantu baseNingizimu Afrika,” kusho yena.

Uthi yize noma kuqale kwaba nzima kuye ukucela usizo kubantu bakuleli ezinkundleni zokuxhumana, kodwa ukuzehlisa kumsizile ngoba ukube uthulile wangakhuluma, ngabe akakalutholi usizo. Uqinisekisile ukuthi isonto elizayo liyophela esekuleli lizwe.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...